‘Yiba nezinye izindlela zokungenisa imali eceleni’

KULELI sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNhlanhla Gebashe, uphrojusa, umculi nomphathi weqembu lomculo wokholo i-Amazing Grace

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo ngangiphiwa  imali ngisacula esontweni njengoba ngawuqala ngisemncane umculo.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaqala ukuba ne-akhawunti yasebhange ngiqeda uMatikuletsheni ngo-2000, ngayivula eNedbank. 

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi imali kufanele uyigcine, uyikhulise bese uyisebenzisela  isidingo 

esibalulekile.     

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngikhumbula ukuxakeka nokuthwala kanzima kungasebenzi muntu ekhaya sidla ipapa nombhubhudlo. Umholo wami ngawunika uMa ukuthi angingcinele wona, ngase ngifaka enye ebhange ukuzibekela uma kuqhamuka isidingo esibalulekile ngingaxakeki kakhulu. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukwenza izincwadi zokushayela nokuqopha umculo e-studio ukuze ngizokwazi ukudayisa umculo wami kubantu ngibenemali uma bengidinga bangithole. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ukuyidla ngendlela engalungile ngokuhamba nabangani abaphuzayo mina ngingaphuzi bese nidla imali ngokunganaki. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/12/01/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-no-ayanda-xaba-umbhali-wezincwadi-usebhale-washicilela-ngokuzimela-izincwadi-ezinhlanu-ezithi-ulala-the-journey-of-discovery-i-the-maiden-the-bear-i-t/

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Yebo ngake ngadlala iMMM. Yangidla u-R20 000 nabangani bami umuntu ngamunye efake uR5 000. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Iseluleko engasithola ngemali wukuthi imali iyaphela, izinkinga azipheli, ngakho kumele uyisebenzise ngokucophelela bese uzama ukuyikhulisa. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Uma ngingawina iLotto ngingakha umuzi, ngakhe izindlu engizoqashisa ngazo ukukhulisa imali yami ingapheli bese ngikhulisa ibhizinisi lami lomculo bese ngishada.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingabaluleka ukuthi bangagcini ngokucula kuphela kodwa bazame nokunye eceleni okuzobangenisela imali  okufana nokudayisa okuthile okudingwa abantu. Ukwenza isibonelo nje, mina ngidayisa amakha nezinto zokugcoba ze-turmeric.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page