‘Ungatatazeli uma unemali’
WUTHOBILE ZWANE
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMlungisi Zwane, umsakazi we-Ink Media FM owethula iSekusile Mzansi Breakfast Special engena ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu ngo-6 kuya ku-9 futhi uwumlingisi. Emidlalweni aseke wavela kuyona kubalwa Uzalo noSibongile & The Dlaminis
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngisemncane kwakuqabukela ngiphiwe imali.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ukuba ne-akhawunti ngo-2007 eCapitec.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
lmali yenza izinto zibelula.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngondla umndeni wami.
Yini into enhle owake wayenza ngemali?
Nginezimpahla endlini, ngiyazigqokisa ngemali.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Hhayi angikhumbuli ngenza izinto ezimbi ngemali.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Ngiluthekile kaningana ngamabhanoyi.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Uma ngingawina ngingalungisa ekhaya, enye ngiyitshale ebhange, ngishadelwe.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi uma unemali ungatatazeli, cabangisisa ngaphambi kokuthi wenze.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi umuntu akabenephupho lokuthi ufunani empilweni yakhe futhi azazi ukuthi mhlawumbe kubiza kanjani akufunayo ukuze akwazi ukuyisebenzisa ngendlela efanele.