‘Hlala unemali oyongayo’

Kuleli sonto KUSAZIWAYO NEMALI sixoxa noZandile ‘Zeal’ Dladla, umsakazi woKhozi FM. owethula uhlelo i-Fakumoya njalo ngoLwesihlanu ngo-8 kuya ku-12 ebusuku, usomabhizinisi, umphathi wohlelo emicimbini, u-DJ. Uke waba wumsakazi kwiMetro FM nakwiGagasi FM, kwi-East Coast Radio nakwiVuma FM

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngiyakhumbula ukuthi kwakukhona la mashumi amakhulu ngalezo zikhathi. Sasicabanga ukuthi kwakuyimali enkulu ngenxa yokuthi yayibukeka inkulu.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngiyakhumbula abazali bami bangihambisa ukuyofunda eGoli, e-University of the Witwatersrand. Ngayivula ngoba kwakumele bangifakele imali, ngayivula e-Absa ngo-2003 eBraamfontein.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Abazali babehlale besitshela ukuthi imali ayikho. Ngafunda ukuthi kufanele ngibenayo le mali okuthiwa ayikho. Kwangenza ukuthi ngifune ukuzenzela imali yami, ngingazitholi ngithi imali ayikho. Ngafunda ukuthi kufanele ngiphile impilo engikwazi ukuyimela nokuthi ngingathengi izinto ezibizayo ngikhale ngokuthi imali ayikho.

Wawenzani umholo wakho wokuqala? 

Ngawusebenzisela ukugibela. Ngiyakhumbula ukuthi ngangijwayele ukukhangisa imikhiqizo ehlukene. Ngangigibela ngayo ukuya esikoleni noma ukuya etohweni, enye ngangiyithumela ekhaya ukubajabulisa. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthenga imoto. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/10/06/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nolondathina-ulonda-mbatha-umsakazi-wokhozi-fm-wohlelo-isekuntwela-ezansi-olungena-ngesonto-ngo-3-kuya-ku-6-ekuseni-uwu-dj-no-mc-wemicimbi/

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza? 

Maningi kodwa ngifunde ukwenza kangcono ngamaphutha.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi? 

Okusanda kwenzeka wukuthi ngakhokhela umshayeli (we-Uber) okunguyena imali engangoR2 300 kuhambo olude engangiluthatha. Lo mshayeli owakhokheleka ngangingasakwazi ukumthola ukuthi abuyise imali yami. Kwaba wukuthi kufanele ngikhokhele omunye owangihambisa futhi enye imali. Namanje angikamtholi.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali? 

Kubalulekile ukuyonga imali, uyibekele ikusasa ngoba usuke ungazi wukuthi likuphatheleni. Nokuthi kubalulekile ukubeka imali ukuvikelela umndeni nebhizinisi ngezimo eziphuthumayo nezingalindelekile.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani? 

Ngingathenga indawo, ngithengele umntwana wami umuzi, ngakhe imiqasho. Ngenye ngithuthukise ibhizinisi lami lokupheka.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Kufanele uhlale uyonga imali uyongele izinsuku ezinzima, ngoba kulo mkhakha wethu zifika noma nini izikhathi ungalindele. Umsebenzi wethu ngeke ubenesiqiniseko ngawo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page