‘Amaciko awacabangele umhlalaphansi’

WUTHOBILE ZWANE


Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noPallance Dladla, umlingisi kumafilimu nemidlalo yethelevishini. Waduma kwi-Sibaya ewuJabu Zungu, wadlala kwi-Intersexions, i-Rhythm City, Is’Thunzi ne-Tempy Pushas, i-Hard to Get nochungechunge lweNetflix i-Shadow. Useke wathola imiklomelo aqokwa kuyo kubalwa ama-South African Film and Television Awards ne-Best Actor Award kwi-New Vision International Festival

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Cha (ekhaya) babengangiphi imali. Uma kukhona into engiyifunayo, babengenzisa umsebenzi ekhaya ofana nokuhlanza indlu, ukwenza ingadi bese benginika kancane kancane imali. Kwakuya ngokuthi into engangiyidinga ibiza malini. Ngangiwumuntu owayethanda amathoyizi kanti ayebiza ngaleso sikhathi, ngangizithengela wona uma sengiytholile imali yami uma kuphela inyanga. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngayivulelwa wumama. Angisakhumbuli ukuthi kwakuyiStandard Bank noma yini. Umama wayengiyisa kwizinhlolokhono ngiseyingane. Kwathi sengineminyaka eyisikhombisa ngathola umsebenzi. Wayethatha umholo wami awuhlukanise kaningi, enye wayengibekela yona, enye akhokhe imali yesikole, enye asithengele izimpahla zokugqoka, enye yenze izidingo zasendlini. Bengingayazi leyo nto, ungitshele sengimdala ukuthi ngangondla ekhaya. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/09/10/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixosa-nobusani-mbili-umlingisi-wemidlalo-yethelevishini-useke-walingisa-kwizabalaza-isibaya-isithembiso-i-generations-negold-diggers-manje-ulingisa-indawo-kadkt-u/ 

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Imali iyasetshenzelwa. Okunye engikufunde manje wukuthi imali injengamanzi, kufanele isetshenziswe kuya ngawe ukuthi uyisebenzisa kanjani. Uma uyisebenzisa ngendlela okuyiyona, izokhula ikwakhele enye.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Umholo wami ngikhumbula kahle owe-Class Act. Ngaya enyuvesi kanti nge-semester yokuqala kwakufanele ngikhokhe. Yayingekho imali, umama wayiboleka, ngakho umholo wami wokuqala ngawuthatha ngayokhokha imali yasenyuvesi eyayibolekwe wumama ebhange. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthenga umuzi nokutshala emsebenzini wami.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Maningi, ngicabanga ukuthi ukungaqondi ngokusebenzisa imali. Abasifundisanga ekhaya ukuthi imali isetshenziswa kanjani. Sithi uma sithola imali sizithokozise ngokuzithengela okuthile okuzosijabulisa kanti ekugcineni akuyona indlela elungile yokusebenzisa imali. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha, angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Imali iyaphela. Thola indlela yokuyitshala ukuze yenze enye. Ungayitshala ebhizinisini noma kokuthile. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakhokhela zonke izikweletu zami, ngitshale emsebenzini wami. Ngingatshala nasezintweni ezibalulekile ezingasiza abantu ukuthi benze imali. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Uwena kuphela ophethe umsebenzi wakho uma ngikutshela iqiniso. Abantu bazofika bakusize kodwa uwena ophethe umsebenzi wakho. Noma yinini uma uthola leyo mali, hlala wazi ukuthi lo mkhakha uzoqhubeka ngaphandle kwakho, kade wabakhona futhi usazoba khona. Zama ukuzenzela into yakho, cabanga ngento engaba eyakho, cabanga ngomhlalaphansi ngoba lo mkhakha lo ngeke ukucabangele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page