‘Tshala imali ezakhiweni, kunasezimotweni’
Kuleli sonto kuSaziwayo neMali sixo nomculi womculo wokholo uThinah Zungu wodumo lwengoma ethi UJesu ufika ekuseni nezinye. Usewole inqwaba yemiklomelo kanti unohlelo lwethelevishini olusha nomndeni wakhe othi Thinah singoZungu oludlala kuMzansi Magic
WUBONISWA MOHALE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha ngangingaphiwa imali ngoba umndeni wami wawungacebile. Ngisho esikoleni ngangiphatha ishumi ukuze ngithenge izithelo.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi ibhange?
He he he! Angifuni ukuqamba amanga, ngicabanga ukuthi ngiqale sengiqede ngisho isikole, ngangifika eGoli. Ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Njengoba ngizalwa emndenini owawungacebile, akukho okukhulu engakufunda ngemali ngaphandle kwemfundiso yasenkonzweni ethi uthando lwemali luyimpande yabo bonke ububi kodwa futhi iyimpendulo yako konke. Ngikubonile loko ngikhula.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Mmm, umholo wami wokuqala? Kahle hle kwakungewona umholo kwakuwumnikelo engawuthola esontweni kodwa ngizothi umholo. Ngathenga izinto zokugqoka. NgangiseseGoli.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukwakha ekhaya, ukwakha esontweni, ukwakha umuzi wami futhi ngiyaqhubeka ngiyakha amakotishi.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
(Ngimose) imali eningi ezimotweni ngo-2014, 2015 nango-2016. Benginezimoto ezinhlanu zonke ngizikhokhela. Uma kuphela inyanga bengikhokha uR60 000 ngikhokhela izimoto. Ngicabanga ukuthi yiphutha elikhulu engake ngalenza.
Wake walutheka mhlawumbe wadlala ibhanoyi?
Yebo he he he! Ngake ngalutheka. Kwakunebhanoyi owawufaka uR20 000 kulona bese uhola uR80 000 noma uR50 000, angisakhumbuli kahle. Ngalutheka kakhulu. Eyi laphahlazeka nemali yami enkulu.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Omunye wabangani bami wangifundisa ukuthi ngitshale imali ezakhiweni, hhayi ezimotweni ngoba wayebona ukuthi ngiyazithanda izimoto. Emva kokwenza loko, ngishintshe indlela engiyisebenzisa ngayo imali.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Kungaya ngokuthi nginasiphi isidingo ngaleso sikhathi ngoba ekufundile kulo msebenzi wethu wukuthi yibanamaphupho kodwa wenze izinhlelo uma imali isikhona. (Ngangenwa wuthando) lwemali, yingako ngikwazi ukuhlela uma isikhona. Uthando lwayo alungibusi ngoba ngeke ngibulale ngoba ngifuna imali. Kuningi engingeke ngikwenze ngoba ngifuna imali.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ungayijahi imali ikakhulu kulo msebenzi wethu. Yenza loko okuthandayo. Ungabeki imali ethize eduze kwethalente lako. Sebenza ngokulethwa yithalente lakho ngoba uma kungathiwa uyalidayisa akekho ongaba nemali yokulithenga. Ukungayijahi imali kuzokusiza uphile isikhathi eside.