“Asizijabulise uma sinemali kodwa sicabangele ikusasa’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noHappiness ‘uDJ Happygal’ Ndlovu, uDJ wasemakilabhini, nomsakazi weGagasi FM, osakazi i-V Session no’Mkay Music’ ngoLwesihlanu nangoMgqibelo kusukela ngo-7 kuya ku-10 ebusuku, usomabhizinisi nenxusa lezinkampani ezihlukene
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngiyakhumbula ngifunda esikoleni samabanga aphansi ukuthi umzali wayengithengela u-1kg wa-popcorn, ngizidayisela wona esikoleni. Imali ngangingayiphiwa, yimina engangizama ukuthi ngizenzele imali. UMa wayengipha uma ehole isondlo sezingane nakhona engipha uR2 noma uR5. Ngiyakhumbula ngenza u-Grade 9 no-10 ngangijwayele ukuluka abantu ukuzenzela imali. Kade ngangihlupheka.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi
Ngaqala ngifunda eDurban University of Technology, ngayivula eStandard Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi uma ngabe uthole imali enkulu, ephilayo yisebenzise ngobuhlakani.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathumela isamba uR5 000 kuMa, ngathenga izinto zombhede, izinto eziphathekayo engangizidinga e-res ngaleso sikhathi, okubalwa umsakazo ne-laptop.
Ngithe sengikhulile manje sengenza imali ngoba angikaze ngiqashwe, bengithi uma ngithola imali eyisamba yiyona eyangisiza ukuthi ngakhele uMa umuzi. Into engayihlakaniphela wukuthi uma uthola imali yisebenzise kahle ngoba ikusasa alaziwa, uma ungabheka i-COVID-19 isifundise ukuthi musa ukuxhaphaza imali ngoba uthi isazofika kanti kungenzeka njani uma ikusasa lingafiki?
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ukwakhela uMa umuzi ngomphanto wami ngo-2014, ngaqeda ngo-2016. Kade kwabayisifiso sami ukukwenza loko.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/31/injabulo-yesikhashana-ingakuqedeli-imali/
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Alikho.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Mina ngiyayithanda imali kodwa angiyena umgembuli. Angiyifuni into ezongifakela ingcindezi njengokugembula ngemali. Ngeke ungithole ngidlala lezi zinto ezizongikhiphisa imali.
Yisiphi isiluleko osihle owasithola ngemali?
Angikaze ngilulekwe ngokuphatha imali, esikoleni. Ngenza izifundo zokuphatha imali nezamabhizinisi, ngazifundela ngokuphathelene nemali kwahlangana lapho. Ngeke uze ungitshele ngemali noma ungididise ngezimali. Ngazibonela mina ukuthi kufanele ngizifundise ukwazi kabanzi ngemali nokonga, nokusebenzisa imali ngokuhlakanipha.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakhokha zonke izikweletu zami. I-COVID-19 isibuyisele emuva empilweni, sasebenzisa imali esasiyongile (senza) izikweletu ukuthi imizi nezimoto singadlelwa zona, okunye sekungabonakala.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali? Asijabuleni kumnandi vele siphila kanye kodwa asicabangele ikusasa, ikakhulu thina esinezingane, sitshale ezintweni ezifana nezinhlelo zemfundo, omasingcwabisane, ama-savings plan. Lezi zinto ezidingi imali engakanani. Kubuhlungu ukuthi umuntu useshonile akanawo umasingcwabisane, kwesinye isikhathi asicabangele ikusasa ngezimali.