‘Yihlelele imali, ungayikhiphi nomakanjani’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noTamia Ngubo, umzwilili ocula i-soprano nosomabhizinisi. Kulezi zinsuku udlisa ngengoma ethi Sonini
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo ngangiphiwa kodwa ngangingavumelekile ukumukela eyabantu engingabazi.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ngineminyaka ewu-18, ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi imali iyimpendulo yako konke.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga izimpahla zabafowethu zikaKhisimusi.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/23/yiba-nezinye-izindlela-zokwandisa-imali/
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukutshala emsebenzini wami womculo nakwimfundo yabafowethu.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthenga izinto kumuntu engingamazi ezinkundleni zokuxhumana, zangafika, (yacwila) kanjalo imali.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha angikaze.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakhela umzali umuzi bese ngakha izindlu ezizongifakela imali.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Into engingayisho wukuthi uma ifika imali kuwe yihlelele, ungavele nje ukhiphe imali noma yikanjani ngoba ngeke uyibone into oyenzile.