‘Kubuhlungu ukubona kubanjwa kuyekwa sekushone iciko’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMfanafuthi ‘uMC Mavala’ Mbatha, iciko, umsunguli weClerkson MM Casting Agency, usihlalo weCultural and Creative Industries Federation of South Africa nomhleli wemicimbi
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngisakhula ngenxa yokuthi ngakhuliswa wugogo, into ekwakuthiwa yimali ngangingayazi ngoba ugogo wayengenayo nhlobo.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ukuba ne-akhawunti yasebhange ngo-2004, ngiqala ukutohoza ngayivuka eFNB.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Angikhulanga ngiwumuntu okhule enemali kodwa ngikhule ngiyizwa ngendaba. Engingakusho engangikubuka kubantu ababeseduze kwami beqhamuka emindenini ephila kahle. Imali ngayibona wukuthi iyaphazamisa kumfundi uma esesikoleni ngoba ugcina eseyisikhulu. Iningi lababantu ababephuma emindenini ephila kahle ngokwezimali, babegcina bengafundi, bagcine sebefeyila ngenxa yemali.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngomholo wami wokuqala ngathatha imali ngathenga inkomo. Kuyisiko lethu (ekhaya) ukuthi uma uqala ukusebenza, into yokuqala uma uthola imali kufanele uthenge inkomo.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukwakha umuzi engawakha e-Adams, ngenzela nabazali izinto ezithize, ukwakha emakhaya, ukuthenga umuzi futhi eceleni, ukuthenga izimoto. Ziningi izinto esengizenzile ngemali.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthatha imali ngilobole umuntu ongalungile, ongafanele. Loko kwangenza ngalahlekelwa kakhulu ngokuningi, ngamosa nemali.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Ngilizwa ngendaba ibhanoyi kodwa ukulidlala cha, angikaze.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/03/31/13439/
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi uma uthola imali kufanele uyonge ngendlela, ungayixhaphazi. Kahle hle imali kusuke kungeyona eyethu, ngeyabantu abadala, ngakho-ke kufanele siyisebenzise ngendlela efanele.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Into yokuqala ngingathatha ingxenye ngixhase kwezemfundo ngoba nginesifiso sokuthi zonke izinkulisa nezikole zikhuthazwe ngobuciko, ngenze isiqiniseko sokuthi ngiyaxhasa ikwazi ukuthenga izinsimbi zokudlala noma zokwenza umculo nayo yonke into ezosiza umnyango wezemfundo ukuthi ukwazi ukusebenza ngendlela.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Kufanele baqikelele indlela yokusebenzisa imali, ngoba amaciko amaningi agcina esokola ekugcineni ngenxa yokuthi imali ayisebenzisa noma yikanjani.
Kuyadabukisa ukubona iciko selishonile uma kuthiwa seliyangcwatshwa akusekho ngisho imali yokulingcwaba. Abaqinisekise ukuthi imali bayigcina ngendlela efanele.