‘Zazi iphakethe, ungagcini unezikweletu ezingenasidingo’
WUTHOBILE ZWANE
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSindiswa Shezi odume ngelika‘DJ Athandwa’ nomhloli wokudla enkampanini yaseThekwini. Phakathi kwemisakazo asake wadlala kuyona kubalwa Izwi LoMzansi, Inanda FM, wanandisa kwiBeer & Banter neLadies’ Night
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo ngangiphiwa. Njalo ngenyanga uma uMama ebuyile wayengipha, umalume nogogo njalo uma kuholwe impesheni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngo 2017. Ngangenza unyaka wami wokuqala enyuvesi, ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi imali iyabekwa. Noma ngabe unamalini kodwa kufanele kubenekhona ozoyibeka.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngikhulele emakhaya lapho esikholelwa khona ezintweni zesiZulu. Uma uthole umsebenzi, umholo wokuqala kuye kuthiwe kufanele ubonge lapho okholelwa khona. Ngenza umcimbi omncane ngibonga izidalwa zasekhaya noNkulunkulu ngomsebenzi.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuthenga umhlaba.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Ukungakwazi ukuthi cha uma umuntu eboleka imali. Abanye uthole ukuthi bagcina sebengasakhokhi futhi kuyangihlula ukubalandela.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali iyasetshenzelwa. Imali eze kalula ayijwayele ukubanemiphumela emihle nokuthi imali iyabekwa.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathenga omunye umhlaba, ngakhe izindlu eziqashisayo bese ngithenga itekisi.
Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ungaphiki nabangani nobukhazikhazi, zazi iphakethe lakho ukuze ungagcini usungena ezikweletini ezingenasidingo.