‘Zinkonkoshele uma unemali; iyasanganisa’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noFortune Nkwanyana, umbhali wezincwadi, okubalwa kuzona i-Rise and Grind ne-Think Excellence, umphathi wohlelo emicimbini, isikhulumi sezinkulumo ezakhayo, usomabhizinisi. Uke waba wumsakazi kwiGagasi FM ethula i-Rise and Grind ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo 4 kuya ku-6 ekuseni


WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngikhulele emndenini obunogogo obehlale edayisa. Ubehamba eyolima emasimini abuye namaveji awadayise. Wuyena obengifundisa kakhulu ngezinto ezihlangene ngemali. Ngikhula bengifundiswa ekhaya ukuthi ngidayise o-popcorn, (isiqeda) ngaqala ukuyiqonda kanjalo imali. Ngisesesikoleni ibhizinisi lami lokuqala kwaba elokudayisa amakha ngifunda u-Standard 6 noma 7.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaqala ngo-2006 noma 2007, ngayivula eNedbank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhula into eyayihlale igcizelelwa wugogo nomkhulu, ngoba ngikhule esandleni sabo, bangifundisa ukuthi imali iyabekwa ngoba iyokusiza ngelinye ilanga uma usuyidinga nokuthi noma kuthiwa kwenzekani (ubalekele) ukuya kumashonisa. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga izingubo zokuswenka, ngapha noMa encane.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/17/ungavumeli-imali-ikushintshe

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukutshala kumina, ngitshale imali eningi ebengiyibeka ebhizinisini lami.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuhamba izindawo zobumnandi, ukusebenzisa imali ezintweni ezingeke zingibuyisele ngalutho nokuthenga izinto ezibizayo ezingenasidingo.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze.

Yisiphi isiluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi imali iyabekwa ngoba iyokusiza ngelinye ilanga. Ngisakholelwa kuloko kodwa manje ngikholelwa kakhulu ekutshaleni imali ebhizinisini ukuze ikhule.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingawutshala, ngiqhubeke ngiphile impilo yami ejwayelekile kuthi emva konyaka noma emibili ngiwuhlukanise, ngidle leyo mali. Abantu ngingabatshela ukuthi ngiwine uhhafu.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Okokuqala uma uthola imali, ungayisebenzisi ngokushesha. Zama ukuzijwayeza ukuzibamba kancane, zama ukuthi kuphele noma izinsuku ezintathu ungakayithinti ngoba kubakhona ukujabula okubakhona emzimbeni womuntu uma ubona imali ngaleso sikhathi. Hlala ucabanga izindlela ezizokwandisela imali. Ekugcineni cabanga ukuthi yini ongazenzela yona wena uqobo lwakho.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page