‘Sebenzisa imali ngendlela ongeke uzisole ngayo kusasa’ 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uLungelo Nzimande, odume ngelikaDlala Matifana. Uwumsakazi osesebenze kwi-Eantouch Radio, kwiLife FM. Manje uthula uhlelo lwantambama kwi-Intokozo FM ngoMsombuluko kuya ngoLwesine ngo-3 kuya ku-6 ntambama ne-Intokozo FM Top 20 ngoMgqibelo ngo-9 kuya ku-11 ekuseni, uwuDJ eziteshini zomsakazo ezihlukene okubalwa iGagasi FM, Ukhozi FM, iVuma FM neRadio 2000 ezinhlelweni ezihlukene futhi unohlelo oluthi Silungisa Umjolo, alusakaza kuYouTube


WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiphiwa noma kwakungeyona into yansuku zonke.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?

Ngaqala ngo 2012, ngayivula eNedbank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi imali wayishintsha nje ayisekho, yisebenzise ngokucophelela.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngazithengela izinto engizithandayo zokugqoka.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukuthenga ifenisha yendlu yami nokondla umndeni wami.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuyidla nabangani, ngiphe noma wubani oyicelayo, maqede bangabe besayibuyisa.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/09/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nomjabulelwa-kweyama-umsakazi-we-intokozo-fm-kanti-wake-wasebenza-nakwi-imbokodo-fm-wethula-uhlelo-i-syaziqeketha-current-affairs-show-with-mjabulelwa-kweyama/

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Lutho, izinto ezinjalo angidlaleli nje kuzona.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingawusebenzisa ngokulungisa ikhaya, uma ikhona esalayo ngiqale ibhizinisi.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Yonga imali, uyisebenzise ngendlela efanele ongeke uzisole ngayo kusasa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page