‘Ungagijimeli izinto eziphezulu impilo ingakahlangani kahle’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noViggy noVirginia Qwabe, ababizwa ngamaQ Twins, abacula i-Afro-pop abangaphansi kwe-Afrotainment kaDJ Tira. Baduma kakhulu kwi-Idols SA. Badume ngamaculo okubalwa elithi Hamba nelithi Sobonana. Njengoba bengamawele okuningi bakwenza ndawonye ngisho nale ngxoxo bayenze bobabili

WUTHOBILE ZWANE

Nisebancane naniphiwa yini imali?

Yebo babesipha imali abazali. Nasesikoleni besibaculela basiphe imali. Sasinenhlanhla yokuphiwa imali kwesinye isikhathi siphiwa imali ngoba singamawele bethi bayasikhunga. 

Naqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti nayivula kuliphi ibhange? 

Asisakhumbuli ukuthi saqala nini kodwa kwakukudala. Sikhumbula nje kufika abantu esikoleni. Sasitshelwe ngayizolo ukuthi siphathe omazisi sizokwenza amakhadi asebhange, asisakhumbuli negama lebhange ngoba kwakudala kakhulu.

Ekukhuleni kwenu yini eniyikhumbulayo nenayifunda ngemali?

Into esayifundayo ngemali wukuthi iyabekwa. Umama wayesithengela isikoqokoqo sokubeka imali ukuze sithenge into esiyifunayo. Loko kwasifundisa kakhulu ukuthi sibeke imali ukuze sikwazi ukwenza into esiyifunayo nokuthi singavele siyidle yonke.

Nawenzani umholo wenu wokuqala?

Ingxenye (yomholo wethu wokuqala) kule mboni sayihambisa ekhaya sayocela izibusiso kubazali.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/11/tshala-ezintweni-ezizokungenisela-imali/

Yini into enhle eningathi senike nayenza ngemali?

Wukuthenga imoto nokusiza ekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali esenike nalenza?

Wukuthenga kakhulu izimpahla zokugqoka nezicathulo. Besingabambeki noma singayibekanga imali yokuzithenga.

Nake nalutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

(Cha) sikhule ngesikhathi sokuduma kwamabhanoyi, (ngakho) besiqaphela kakhulu uma kuza ezintweni ezinjalo.

Yisiphi iseluleko esihle enasithola ngemali?

(Beka) imali (wenza) into ebonakalayo ngayo nokuyikhulisa.

Uma ningawina uR1 million kwiLotto ningawusebenzisa kanjani?

Ingxenye yawo singayinika izintandane. Esalayo singenza umculo waKwaZulu-Natali ubekwelinye izinga. Noma kungeke kuze kuvale isikhala sonke loko kodwa yisifiso sethu lesi.

Ningabeluleka nithini abanye abasemkhakheni wenu ngokuphatha imali?

Ungagijimeli izinto eziphezulu impilo yakho ingakahlangani kahle. Yakha ekhaya, ukhokhele umasingcwabisane. Ungazifanisi nabanye ngoba awazi bona baphuma emakhaya anjani. Khumbula ukuthi isipho esihle wukuthi awufani nabanye. Ngaloko musa ukufuna ukwenza njengabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page