‘Cabangisisa kuqala ngaphambi kokusebenzisa imali’
Kuleli sonto kuSaziwayo neMali sixoxa noMane Mzulwini, ocula umculo wokholo. Ezingomeni adume ngazo, kubalwa ethi Anginalutho, Baba Akwanele, UnguJehova Ongachazeki
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa imali?
Ukukhuluma iqiniso, abazali babengakholelwa ekusipheni imali kodwa babekholelwa ekusenzeleni (izinto).
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Kwakuwu-2012, ngayivula eNedbank (ngemva kokuthi) umculo wami usuqala ukungikhokhela amasenti amancane. Kwangiphoqa ukuthi ngiyivule.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi imali iyafika iphinde idlule kodwa kufanele ucabange kuqala. Ayifiki nje uyisebenzise, ngoba ungagcina uyisebenzise ngendlela ozozisola ngayo ekugcineni. Kufanele uzihlelele ukuthi uzoyisebenzisa kanjani.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ekhaya asikhulanga sibusa, kwaphoqa ukuthi ngisize ekhaya ngoba isimo sasingesihle neze.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuzama ukulekelela ekhaya ukwakha ikhaya abazali ababebhekene nobunzima ngokulakha.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthenga kubantu abangahlelekile ngoba bethi kushibhile.
Wake walutheka wadlala ibhanoyi?
Yebo, yeyi ngake ngalutheka impela! Angithi sithi siyazama impilo ngenxa yamathuba omsebenzi amancane futhi hhayi kanye, kaningi.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ungayitatazeli, cabanga ngaphambi kokuthi wenze (uyisebenzise).
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngifisa ukuqala amabhizinisi athize angashintsha isimo sami, somndeni nentsha engathola amathuba omsebenzi, kuvuke neminye imindeni ngaphandle.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Qaphela imali ayizi kalula, ngakho uma usubenenhlanhla yokuthi ifike kuwe, cabanga, ucabangisise kuqala ngaphambi kokuthatha isinqumo (sokuyisebenzisa).
