‘Sebenzisa imali ukuthuthukisa imfundo yakho’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele u-Altas Duma, umsunguli weSagiya Foundation, ecija amaciko nezinhlelo zobuciko namasiko. Uwumhleli womcimbi iKwaZulu-Natal International Jazz Festival, unobhala weKwaZulu Natal Jazz Appreciators’ Association nomsunguli weSagiya Records, eqopha umculo futhi iwusabalalise ezitolo ezi-digital. Abanye babaculi abaqophile uDuma kubalwa uRoyal Son, uBongani Nkwanyana, uMthobisi Mthalane, uProf Rippon, uVincent Mtetwa, uNicky Shange, Umkhumbane Jazz Ensemble, uRossy M, uMbali Nzama nabanye. UDuma uyilungu le-Arts Connect Africa eseBoston, eMelika, ne-Association of the Performing Arts Professionals yaseNew York City, eMelika. Uwumsakazi wohlelo i-The Jazz Eye with Atlas Duma kwiVibe 94.7FM
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo imali yayisakwazi ukuthenga okuningi noma incane. Amaqhuzu kaqhafaskotshi neZulu Mottos wawuthola amabili ngozukwa, kubuye ushintshi wesenti uthole uGuduza.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngasengifunda eTechnikon Natal, ngenza i-student account eStandard Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Imali iyalingana, akulula ukuyibeka uma usemncane. Abangani bayaba yimbangela yokuhluleka ukubeka imali ngoba baqhamuka nezinto ezinhle bese nawe uthatha le mali othi uzama ukuyibeka uyisebenzise kuzona.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga izingubo zokugqoka ngoba ngakhula engekho ongithengelayo kanti ezazikhona zasezindala kakhulu. Yayingeningi, kwaba yibhulukwe neshethi.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngafaka indodana yami e-technical college yayofunda i-Chemical Engineering.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/14/zikhandle-usebenzise-imali-kahle/
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Kwakuwukuthemba umuntu ongase afike nosizo lwemali ukusiza emsebenzini wami wobuciko, ngabe sengisebenzisa yonke imali engangiyibekile nginethemba lokuthi uzosigcina isithembiso kodwa akazange asigcine.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo kodwa akudlalanga mina. Ngasetshenziswa njengosaziwayo ukuheha abantu. Kwagcina sekuyimi obasizayo ukulandela izimali zabo ibhanoyi selindizile. Ngahlazeka kodwa ngalilwela igama lami ngoba bakuqonda kahle ukuthi wubani osiqolile njengoba lanyamalala nomholo wami.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ungahambi uthemba noma wubani ngemali yakho. Imali ayibekwe emabhange aziwayo. Zikhona kuwona izindlela ezithembekile zokuzalisa imali. Hlolisisa nokuthenga online bese ikhadi lakho lasebhange uligcine kahle ngoba linezinombolo ezintathu ngemuva okungamele zaziwe umuntu ongathenga ngalo online.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathenga imoto, ngilungise ikhaya bese ngithuthukisa umsebenzi wami wobuciko.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Abenze izinto abangakwazi ukuthi bazikhombe ukuthi bazenza ngemali yabo. Abayeke impilo yobukhazikhazi baphile impilo engangamandla abo. Ababenabangani abacabanga ngekusasa, hhayi abakhonze ukubhubhudla imali ngobumnandi. Abakhe amanye amabhizinisi azobakhela inzuzo ngaphezu kwale abayakha ngobuciko. Imali abayisebenzise ukuthuthukisa imfundo yabo.