‘Ayikhuli imali uma ihleli esandleni ’ 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele u-Andile KaMajola, umculi we-gospel, odume ngamaculo okubalwa kuwona elithi Igama Liphelele, Ngendlala Indumiso namanye, nowumfundisi. Usanda kukhipha incwadi yakhe ethi Uhambo Lwamahubo

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Cha angikaze ngiphiwe imali. Ngangihlala nogogo. Ugogo uma ucela imali wayekubuza ukuthi uzoyenzani.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaqala ngo-1998, ngayivula eStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi imali izokwenza ukwazi ukufeza izifiso zakho kalula nangokushesha. Imali ingakufaka futhi enkingeni uma unganakile indlela oyisebenzisa ngayo, ingakudalela nezitha.

Ebudaleni bami ngifunde ukuthi imali kungcono uyitshale emnothweni, kunokuthi ibesesandleni. Uma imali ihleli esandleni, ayikhuli. Ifuna uyifake (lapho) izosebenza khona ikwazi ukukhula.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ukusebenza ngo-1995 ngisafunda esikoleni samabanga aphezulu. Umholo wami wokuqala kwawuR5. Ngathengela ugogo i-braai pack, amasi nesinkwa kanti ngizolunywa yinja ngiyofesa. Ngangingabonanga ukuthi kubhaliwe ukuthi angiqaphele izinja, ngangena kanti inja izoqonda ngqo kimina, yangibamba esithweni sobunxele. Namanje ngisenalelo nxeba. Umnikazi wenja wanginika uR50, wathi (angiye) emtholampilo, mina ngathatha leyo mali ngathengela ugogo ayekudinga.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/28/tshala-imali-ezakhiweni-kunasezimotweni/

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukunakekela umndeni wami, ukwakha umsebenzi kaNkulunkulu nokwakha umsebenzi wami.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ukuboleka imali engangazi kahle ukuthi ngeke ngikwazi ukuyikhokha kodwa nganginesidingo esibalulekile. Ngaboleka imali kumashonisa ngingazi ukuthi wumashonisa, nokuyinto eyacishe yamosha impilo yami ngoba ngangingaphansi kwengcindezi. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angikaze. Ngiwumuntu ongekho nkamu nkamu ngalezo zinto.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi imali iyimbewu. Uma uyisebenzisa kahle, ungakha ikusasa elihle. Uma ukwazi ukuyitshala kahle manje emhlabathini ofanele, wenza isiqiniseko sokuthi izingane zakho zizobanekusasa eliqhakazile.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Noma umncane uR1 million, ngingawutshala ebhizinisini elizokwazi ukuthi linginike ukheshi wansuku zonke.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Abaphathe kahle imali. Lo mkhakha esikuwona unezikhathi. Ubanezikhathi zokuvuna, uba nezikhathi zokoma noma zendlala, ube nezikhathi zenala. Bhasobha ukuthi wenzani ngesikhathi senala ngoba isikhathi sendlala siyeza. Lo mkhakha esikuwona,  owobukhazikhazi, ungadidwa wubukhazikhazi bokukhanya kweziteji, kuyadlula lokho. Abantu bakuthanda uma usadumile, ngeke udume ingunaphakade, uzohamba uhambe uphume esitayeleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page