‘Hlakanipha ngemali: uyonge, uyitshale ’
WUTHOBILE ZWANE
Kuleli sonto kuSaziwayo neMali sikuphathele uSanele ‘Gumede Prince’ Gumede, umculi we-Christian rap ne-hip hop, imbongi nomlingisi. Usanda kukhipha iculo elithi Heaven is Right Here
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo ngangiphiwa imali ekhaya.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngayivula ngo-2015 eCapitec.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngafunda ukuthi kufanele ngisebenze kanzima ukuze ngithole imali futhi ngifunde ukunikela.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngawabela umndeni wami futhi ngakhokha isikweletu.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngakhela ubaba umuzi, ngakhokhela umfowethu ofundayo esikoleni, ngathengela imindeni ukudla, ngasiza esontweni.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuboleka imali.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Thembeka ngemali, hlakanipha futhi ubenesandla esiphanayo.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakhokhela zonke izikweletu zami, ngithenge umuzi nemoto.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Yonga, tshala futhi usebenzise imali ngobuhlakani.
