‘Gada umjolo ungakubhayizisi emalini’

WULANGA KHANYILE

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele ‘uPhuzekhemisi’, ogama lakhe wuZibokwakhe Mnyandu, umqambizingoma, umculi nomshayisiginci kamaskandi. Phakathi kwamanoni aziwa ngawo kubalwa Imbizo, Inja Yami, Amakhansela, Ijele namanye. Kwezinye izindondo aseke wahlabana ngazo kubalwa i-Best Traditional Performance in Nguni Award kuma-1st Annual South African Music Awards neLifetime Achievement Award kuma-20th Annual Sama

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Hhayi kodwa kwakwenzeka ngisafunda (amabanga aphansi) ngo-1969 noma 1970 ngiphiwe isenti. Ngesenti ngangithenga ucezu lwesinkwa bese ngithenga olunye, ucezu lusabiza u-half cent kube isiphelile.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange?

Ngo-1991, ngayivula eFNB.

Ukhula yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Impilo ayibimnandi ekhaya ngaphandle kwemali. Zonke izinto zidinga imali ukuze kubemnandi.

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngo-1980 ngisebenza eDurban North, kwakuwuR6.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Hhawu Mkhaya ngawuthumela ekhaya, ngawuthumela uMa.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngathenga ikhaya (umuzi) ngaphandle kwesikweletu. Ngathenga umuzi eLower Illovo, indawo yamaNdiya.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuhambe ngithengela abantu utshwala. Uthole ukuthi ngifica abantu bebaningi, ngibathengele utshwala, lapho angibazi nokubazi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/10/07/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sikuphathele-ingwazi-kamaskandi-umtekhala-magubane-wodumo-lukashwi-nomtekhala-nehlanganani-umtekhala-useneqembu-elisha-umtekhala-umaqatha-nodogzin/ 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyini?

Hhayi angizidlali lezo zinto. Cabanga uthathe imali uyifake kubantu ongabazi, mhlawumbe abaphesheya, uyophinde ubathole kuphi?

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Asikho. Angikaze ngibenemenenja.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakhuluma nezingane zami. Lapha ekhaya ngiyabhizinisa (nginebhizinisi), ngiwumuntu othanda ukubona abantu besebenza bese ngibakhokhela. Ngingabonisana nezingane zami ukuthi silenzeni lelo million ukuze lizale lande.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Imali ijulile. Imali inzima. La ekujoleni, imali iyabaleka. Uthole ukuthi ujola nomuntu kanti uze ngemali. Ngingathi amaciko awabheke amakhaya kuqala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page