‘Yenza izinto eziphusile ngemali’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele u-Ayanda Shange, umculi we-gospel oke wayilungu leJoyous Celebration, manje esuwumculi ozimele. Udume ngamaculo athi Bayede, Tholukuthi Our God, Jesu Benga Understand Why, Wophelelaphi Na?
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, ngangiphatha uR15 esikoleni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ngineminyaka ewu-18, ngayivula eFNB.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngifunde ukuthi imali ungayisebenzisi ezintweni ezingenamsebenzi njengokuthanda ukudla izinto ezimnandi.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/28/tshala-imali-ezakhiweni-kunasezimotweni/
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngazikhokhela imali yesikole ka-Grade 12.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngalobola isithandwa sami.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Ngake ngadla imali yokwenza izincwadi zokushayela, ngazisola kakhulu (emva kwaloko).
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo, ibhanoyi i-Triple M langigila.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Imali iyabekwa.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathenga umuzi KwaZulu-Natali bese ngiyofunda.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi kuhle ukwenza izinto eziphusile ngemali ngoba kulo mkhakha kuhamba kuhambe kubenzima.