‘Phila impilo elingana namandla akho’

WUTHOBILE ZWANE 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALIsixoxa nomlingisi uBhekani Shabalala. Emdlalweni wethelevishini kwiMzansi Magic i-Sibongile & The Dlaminis ubewuVuma Mbambo. Uke walingisa kumafilimu i-Warm, i-My Little Black Heart ne-The Second wadlala emidlalweni owuchungechunge okubalwa kuwoyaImbewu, i-Hostela ne-Bay of Plentynomlingisi  wemidlalo yeshashalazi okubalwa kuyona i-Twist, i-Macbeth, i-Sleepwalking Land, i-Boom Gate,i-Just for Youne-Bigly Yuge

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo! Ngangiphiwa imali encane uma ngiya esikoleni kodwa isikhathi esiningi ngangingayisebenzisi ngoba kwakunebhoklolo esikoleni okwakuthiwa wuMandla. Wayemdala kunami sasifika esangweni esengakhezile efuna imali.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala ngo-1993, ngayivula edrobheni e-ABC (igatsha leStandard Bank).

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi kwakufanele ngiyifihle ngoba kukhona owayezongiphuca. Ngangiyifihla ize ibeningi bese ngijabula. Ngikhule ngazi ukuthi uma nginayo kufanele ngiyibeke.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga amateku negrosa yasekhaya.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/12/13/abantu-abangagagameli-uma-bebona-imali-abayonge/

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali? 

Wukuthenga umuzi emva kokuthi umuzi wasekhaya udliwe ngemva kokudilizwa kukababa emsebenzini. Udilizwe sengihlakaniphile ubaba kanti saphoqeka ukuthi siyohlala kubo kwamama, okungamphathanga kahle umama ngoba wayesezitshela ukuthi usenekwakhe, ngakho ngathi senginemali ngathenga umuzi kababa.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuthanda imoto kakhulu nokuchitha imali eningi ngiyithengela izinto zokuthi ibeyinhle okubalwa ama-rim, umsindo nokunye.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali

Iseluleko engasithola ukuthi ukungena kwemali ebhange lakho makungashintshi indlela obuka ngayo izinto. Uma unemali wenze isiqiniseko sokuthi wenza izinto eziyisidingo. Ungavumeli imali ishintshe ubuwena. Akushintshe ibhalansi yasebhange hhayi umuntu.

Uma ungawina uR1million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngikuleminyaka yokuthanda imfuyo nomhlabathi, ngazi kahle kamhlophe ukuthi uma ngithola i-million ngingangena emfuyweni nakwezolimo.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ungalinge uthande ukubukwa, ungathandi izinto ezingeke zikusize ngalutho. Ngiqala ukusebenza ngangineTazz eyayingisiza uma ngihamba izindawo ezisesilungwini ngiyosebenza, ayikaze ife. Sengikhula ngaqala kancane ngathenga izimoto ezibizayo. Ungabheki abantu ukuthi bahamba ngaziphi izimoto kodwa wena ube ubona ukuthi isimo sakho sithi iTazz yiyona ekulungele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page