‘Imali iyabekwa, ayibhubhudlwa yonke’
Kulelisonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noDkt uNonkulukeko ‘uDr Angiyukweswela’ Madondo, umsunguli we-Angiyukweswela Therapy Foundation, isikhulumi sezinkulumo ezakhayo, uwumlingisi futhi omodelayo. Useke walingisa emidlalweni okubalwa kuyo Uzalo, i-Durban Gen ne-Imbewu: The Seed futhi wangenela nomncintiswano uMrs Grand South Africa
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngangiphiwa imali kakhulu ngisemncane.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ukuba ne-akhawunti ngenza umatikuletsheni ngineminyaka engu-18, ngayivula e-Absa.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Into engiyikhumbulayo wukuthi iyabekwa imali uthenge into ozoyibona njengezimpahla zaKhisimusi.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngawunika abazali umholo wami wokuqala ngoba imfundiso yasekhaya yayisho njalo.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukusiza abantu abaswele, ngenza nomcimbi womklomelo lapho ngaqoka khona izinhlelo ezithuthukisa umphakathi, ama-Community Development Warriors, okuyizinhlelo ezingenzi nzuzo kodwa ezenza umehluko emphakathini. Lo mcimbi ngawenza ngemali eyayiphuma ephaketheni lami, ngingaxhasiwe.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthi ngisebenzise imali yokunye ngethemba lokuthi khona engizoyithola bese kubanoshintsho konakale uhlelo lonke.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/14/amaciko-awasebenzise-imali-ngokucophelela/
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo ngake ngalutheka ngebhanoyi noma ke ngake ngadla impela kona kodwa futhi ngabuye ngacwila futhi.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Imali iyagcinwa igcinelwe izikhathi ezinzima. Awuyisebenzisi yonke imali. Kumqoka ukuthi kube khona oyibekayo.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Nginothando lokukhulisa ingane yomfana ize ibe yindoda endala futhi abanye babo bangena ezidakamizweni ngenxa yenhlalo engeyinhle ekhaya, kungabikho lapho bekhala khona balalelwe. Ngifisa ukwakha isikhungo sokuhlumelelisa isimilo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingabaluleka ngokuthi babeke imali futhi bazibambe ukuthi bayithinte noma kanjani.