‘Ungadidiswa okwenziwa abanye abantu’ 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa Msizi Ntaka, odume ngelika“Msiziking. Uwumsakazi onamava angaphezu kweminyaka ewu-12 esakaza. Wethula uhlelo i-Weekend Breakfast kwiNanda FM ngoMgqibelo nangeSonto ngo-6 kuya ku-9 ekuseni. Ngo-2023 wahlabana ngomklomelo i-Best Breakfast kuma-Telkom Radio Awards emkhakheni weziteshi zomphakathi. Useke wamenywa kuKhozi FM ukusazaka ezinhlweni zangoDisemba uma linomkhankaso i-Siyayijika Lento

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngisafunda amabanga aphansi ngangiphiwa isihlanu namashumi. (Ngikhumbula kahle) kwathi sengifunda emabangeni aphezulu kwaba wuR5. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wayivula kuliphi?

Ngaqala ngo-2013, ngangenza unyaka wokuqala enyuvesi. Ngavula iStandard Bank Student Achiever eSteve Biko Campus eDurban University of Technology.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/04/29/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nendlovukazi-mapule-umsakazi-nomlingisi-uwumsakazi-nesikhulu-sezokukhangisa-kwinanda-fm-kanti-useke-walingisa-kwimbewu-nedurban-gen/ 

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngangazi ukuthi kufanele siyonge ngoba cishe yonke into engangiyenza ngangiyenza ngemali engangiyibekile. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Udaba lomholo wami wokuqala alumnandi neze. NgoJuni wango-2013 ngashonelwa wugogo, okwakuwuyena (owayondla) ekhaya. Ngangenza unyaka wami wokuqala enyuvesi. Ukubona umama enengcindezi yokuthi sizolala sidleni kwangenza ukuthi ngifune umsebenzi endaweni yokudlela eGalleria. Ngiyakhumbula iholo lami laliwuR900, ngalisebenzisa ukuthenga ukudla ekhaya neselula. Eyasala kwabayimali yokuzibheka.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngakhele ugogo umuzi, ngathenga imoto futhi nginakekela umndeni wami namanje.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ngicabanga ukuthi wukuvula i-credit card, ngoba ukuyivula kwami kwakungesona isinqumo esihle.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze nhlobo. Lezi zinto (azizwakali) kumina. Angiboni ukuthi ngiyoke ngilidlale. Ngiwumuntu oqaphelayo kakhulu izinto ezinjalo.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Ubaba wayevamise ukungitshela ukuthi noma kuthiwa ngenzani, ngibosebenzisa imali enginayo, hhayi isikweletu. Wayethi angenze isiqiniseko sokuthi isikweletu asithathi imali yami eningi.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakhokhela izikweletu zami, ngizame ukuqala ibhizinisi, ngithenge nomuzi noma ngibuyele esikoleni ngiyofunda.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Asiphile ngokungangamandla ethu. Ukubona omunye umuntu eshayela imoto kaNokusho akusho ukuthi nami ngingakwazi ukubanayo ngoba asazi ukuthi wenzani eceleni. Kufanele uzinike isikhathi sokwakha igama lakho, ungaqhathanisi impilo yabanye neyakho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page