‘Jaha imfundo ngemali, hhayi ubukhazikhazi’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noPhilasande Daki, umqondisi wezobuciko, umsunguli nomdidiyeli womcimbi i-Made in Africa edlala kwiBET, uyamodela, agqokise abantu
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo imali ngangiyiphiwa. Sasiphiwa upondo (uR2) ngaleso sikhathi, sithenge ophaya esikoleni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ngineminyaka ewu-16, ngayivula e-Absa.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngafunda wukuthi imali ungayisabi. Imali iyinsiza, ayiyona eyokuthenga izicathulo, udinga ukuthi uyibuyise ngokuthile. Loko ngakufundiswa wugogo; ukuthi imali iyatshalwa.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngahamba ngayothenga u-ice-cream ngoba ngiyazifela ngawo, enye ngayithumela kuMa, ngadla u-20%.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngiyathanda ukujabulela impilo, ngijabulise nomndeni wami nabantu, senze izinto esiyozikhumbula.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Alikho iphutha eseke ngalenza ngemali, ngihlale ngenza izinto ezingijabulisayo njalo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Angikaze ngilutheke. Ngiwumuntu ongayithandi imali esheshayo, iyangisabisa. Ngike ngibabone abantu beyenza, anginaso isibindi sayo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Imfundiso yokuthi imali uma unayo kufanele ujahe imfundo, hhayi izinto eziwubukhazikhazi.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Mncane kakhulu kakhulu kumina. Ngithanda ukwenza amafilimu kodwa isifundo engisifundile wukuthi uyakwazi ukwenza amafilimu unemali encane. Into engenza ukuthi izinkinga noma izindaba zomphakathi zithole indawo lapho zingaveza amakhono abo khona, ngingayifaka emafilimini, ngithuthukise umphakathi ngaloko, ngithenge nezinsizakusebenza.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Asifundiswa ezikoleni ukuthi imali isetshenziswa kanjani nokuthi ubewusomabhizinisi kulo mkhakha futhi asifundiswa ukuthi uyithola kanjani imali ukuze uzuze ngomsebenzi owufundele. Ngalokho, ngingaxwayisa abantu kulo mkhakha ukuthi imali, ikakhulu uma usuwumdidiyeli ngoba uwena osuke uqasha abantu futhi usuphatha izimali, isenti nesenti libalulekile. Asiyigadeni imali.