‘Imali iyongiwa ukugada izinsuku zesomiso’ 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSimphiwe Nyawose, umculi we-hip hop odume ngelika‘Robin Thirdfloor’, onenkampani yamaciko iBhotela Republic ekhiqiza umculo

WUTHOBILE ZWANE


Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiphiwa imali.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaba ne-akhawunti yasebhange sengisenyuvesi yaseStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi imali iyasetshenzelwa futhi ayitholwa kalula.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Itoho lami lokuqala ngalithola ngisafunda isikole ngisebenza ngamaholidi. Ngomhholo ngathenga ukudla okuncane ekhaya, enye ngahlanganisa uhambo nabangani bami saya olwandle.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukuyinika uma wami. Cishe yonke imali engiyenzayo nginengxenye engiyinika uMa. Okunye wukukhokha okweshumi esontweni.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ukungayongi imali, umsebenzi engiwenzayo manje uyaphoqa ukuthi umuntu abeke imali ngoba imali yale mboni ayifiki njalo kodwa uma ifika, ifika iyisamba.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Lutho, amabhanoyi ngiwasaba kabi.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi kubalulekile ukuyiphatha kahle imali ukwazi ukonga ingxenye yayo uyongele izinsuku ezizayo.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Njengomuntu okholwayo eyokuqala iya esontweni (okweshumi). Enye iya kuma wami (u-10%), kuthi enye ingaya ezidingweni zasekhaya (u-10%). Enye ngiyigcina ebhange ukuze ingenzele inzuzo (u-20%). Enye iya ezintweni eziyizidingo zami (u-20%). Enye ezintweni zamabhizinisi (u-30%).

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/14/amaciko-awasebenzise-imali-ngokucophelela/

Umkhakha wami unayo imali kodwa isikhathi esiningi ayifiki njalo kodwa uma ifika ifika iyisamba. Kubalulekile ukuthi ukwazi ukonga imali ukuze ungabinenkinga uma sekuthulekile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page