‘Ungabheki ukuqashwa kuphela, zama nokunye eceleni’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMamsy Mjwara odume ngelika‘Zulumotho swidi obhaliwe’. Uwumbhali wezingoma zomculo wokholo, umsakazi emisakazweni ehlukene kubalwa iDivine Touch Radio neNtokozo FM nomphathi wohlelo emicimbini
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngangiyiphiwa uma ngiya esikoleni ngiphatha uR2 kodwa ngiyibeka esikoqokoqweni ngaleso sikhathi. Sengifunda amabanga aphezulu ngathenga ngayo oswidi ngibadayisa esikoleni ukuze uma sekuwuDisemba ngikwazi ukuthenga izinto ezikhala kahle ngoba sasithanda ukuhamba amabhishi sihamba ngamatekisi. Ngangikwazi ukugibela ngemali engiyisebenzele.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ngo-1999 ngihola uR1 000 ngisebenza endaweni yokudla, ngayivula e-Absa.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi imali iyasetshenzelwa, ayizi kalula. Nokuthi kubalulekile ukubanemali oyibekile, nabantu abasondele eduze kwakho ubatshele ngokonga imali nangokuyiphatha kahle.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngawusebenzisa ezidingweni zasekhaya.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngakhe umuzi.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthi ngadlala amabhanoyi ngawina agcina esengidlile nawo.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/03/31/13439/
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali iyongiwa. Uma unayo qiniseka wukuthi uyayonga, ungayi ezitolo ungazi ukuthi uzothengani. Loko kuyashayana kakhulu ngoba uvele ubone imali isiphela izinto ezibalulekile ungakazitholi. Ungathengi izinto ezingenasidingo, kunezinto ongakwazi ukuphila ngaphandle kwazo nezinto ongeke ukwazi ukuphila ngaphandle kwazo.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingavula amabhizinisi. Enye into ngingavula isikole sokufundisa abantu ukwenza amakha bese bezidayisela bona, ngingenza imiqhudelwano ngiqoqe laba bafana abagcwele emgwaqweni senze imidlalo, ngibaxhase ngamajezi ebhola ngenhloso yokubenza ukuthi babematasa.
Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi uma uwumuntu uvuka uzithathe uzakhele intwasahlobo ebusika, musa ukubheka ukuthi uzoqashwa kuphela kodwa nawe zidalele awakho amathuba emisebenzi, usebenzise izandla zakho. Fundani ukuzimela uma uyiciko ngoba abantu bayadlala ngathi futhi izimenenja zeziyidle kakhulu imali yabaculi ngenxa yokungabinolwazi, ungathembeli kumuntu.