‘Akungalanjwa ekhaya ukhona usebenza’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLungisani Njapha, odume ngelika’Emza’. Uwumculi wekwaito negqom’ nomdansi. Usebenzisane nabaculi abahlukene emculweni wakhe, okubalwa kubo uDJ Tira engomeni ethi Phezu kwesoso, uDJ Clock noBhar kwi-Angels. Une-albhamu ngaphansi kweBlaqk Records, equkethe izingoma ezifana neNswelaboya, i-Weekend neNgena Enganen’
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha, ngaphandle uma kwakunento ebalulekile ngempela edinga imali.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi ibhange?
Ngaqala ngo-2000 uma ngikhumbula kahle. Ngayivula eNedbank.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo noma oyifunda ngemali?
Wukuthi imali iyahlonishwa.
FUNDA NALAPHA: ‘Imali iphathiswa okwezikhali zamaNtungwa’
Waqala nini ukusebenza futhi wenzani ngomholo wakho wokuqala?
Ngaqala ukusebenza ngo-2007 kanti umholo wami wokuqala ngawusebenzisa ukuthenga izimpahla zokugqoka.
Yini into enhle ongathi wake wayenza ngemali?
Ukuqiniseka ukuthi ngakhela uMa ikhaya elingcono nokondla abafana bami ngendlela efanele.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukungena esitolo ngihlose ukuthenga into eyodwa kodwa ngigcine sengithenge inqwaba yezimpahla kuze kushode imali.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ukuqonda ukubaluleka kwemali emnothweni wezwe.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakha izindawo zokuhlala, ngithuthukise nomculo kubantwana, ngakhe izindawo ezifundisa kabanzi ngobuciko nomculo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Tshala kuwena, tshala nasegameni lakho futhi hlala unakekela kini. Kungalanjwa kini ukhona usebenza.
