‘Hlonipha imali khona nayo izokuhlonipha’  

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noVuyani Mbanjwa, odume ngelika‘Gift Da Performer’. Uwumculi wegqom, i-Afro tech ne-dance, umbhali wezingoma, umlingisi nomdansi. Usekhiphe amaculo okubalwa kuwo elithi Fihl’ Intokazi nethi Ngifuna Ukuhamba Nawe. Ngokudansa useke wavela ezinhlelweni zethelevishini, okubalwa kuzona Imbewu  ne-Amalanga Awafani

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiphiwa imali. Kodwa kwakuyimali yokuphatha esikoleni futhi kwakufanele kubekhona engikwenzayo ukuze ngiyithole.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wawuyivula kuliphi?

Ngo-2015, ngemva kokuqeda umatikuletsheni, ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Imali uma uyithatha kancane, nayo ikuthatha kancane. Uma uyihlonipha, nayo iyakuhlonipha. Imali iyafukuzelwa. awuvele nje uqhamuke usuyithola. Nokuthi umuntu ophethe imali esandleni akusho ukuthi unemali. Umuntu onemali yilowo ocabanga ngezindlela ezizomngenisela imali ukuze aqhubeke nokubanayo.

Waqala nini ukusebenza futhi wawenzani umholo wakho wokuqala? 

Ngo-2015 ngangisebenza e-Edgars, ngihola uR4 500 ngenyanga.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukuseka uMa ngesikhathi ephindela esikoleni eneminyaka ewu-45. Ngangimnika imali yokufunda waze waphumelela wabawusonhlalakahle. Ngayitshala emculweni wami ukuze uqhubekele phambili waze wadlalwa nakuthelevishini (nokondla) nengane yami.

FUNDA NALAPHA: ‘Akungalanjwa ekhaya ukhona usebenza’

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukutshengisa abantu ukuthi nawe usuyayiphatha imali nokuthi uyakwazi ukwenza izinto nokujabulisa abantu.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Ngalidlala kodwa ekulidlaleni alikaze lingishaye (ehleka). Bengihlale ngiphuma kusenesikhathi.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Uma uyithanda futhi uyihlonipha imali, nayo izokuthanda futhi ikuhloniphe. Imali ayisetshenziswa noma yikanjani. Kufanele uyibekele izimo eziphuthumayo futhi ubenemali (oyibekile). Uma ifika, kufanele ifike usuwazi ukuthi uzokwenzani ngayo, ngoba uma ifika ungayihlelele, izokuhola yona.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingavula inkampani yokuqopha umculo, ngithenge izinsiza zokusebenza zamaciko, ngisize umphakathi, ngakhele umndeni wami ikhaya, ngithenge nezinsiza zemicimbi engingaziqashisa bese ngitshala imali ngokuthenga amasheya kwamanye amabhizinisi.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Yihloniphe imali. Ungabiwumuntu ofuna ukubukwa kukho konke akwenzayo ngoba ekugcineni abantu ofuna ukubukwa yibona bangase bangabikhona uma usubhekene nezinkinga, kungabayirenti, imali yokugibela noma igrosa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page