Yini umehluko phakathi kwe-web design ne-web development? UZama Simelane uyachaza

NJENGOBA kwanda isidingo sokuthi zonke izinkampani zibe sezinkundleni zobuchwepheshe kumqoka uma ucabanga ukuba ne-website ukubheka indaba ye-web design ne-web development. Kumqoka ukubheka ikhono lenkampani noma uchwepheshe okwenzela lo msebenzi omkhulu. 

Kungani? Loku kubalulekile ukuze ibhizinisi lakho libe ne-website esezingeni eliphezulu; ngakho kufanele izinto zihambisane kahle phakathi kokwenziwa kwe-website nokusebenza kwayo.

Pho yini umehluko phakathi kwe-web design ne-web development? Uma senza izinto lula, singathi i-web design wumsebenzi ocacisa ukuthi i-website ibukeka kanjani. Ama-web designer ayenza ngendlela yokuthi ilandeleke, isebenziseke kalula futhi kube mnandi ukuyisebenzisa.


I-web development wukwenza leyo design iphile, ibe yi-website esebenzayo. Ama-web developer angonjiniyela abenza loko okwenziwe, baqinisekise ukuthi kuyasebenza noma kusebenza ngendlela elindelekile.


Ukwenza isibonelo nje, cabanga isitolo esidayisa ngendlela yobuchwepheshe esihle kodwa lapho amakhasimende engakwazi ukuthenga kusona noma cabanga isitolo esidayisa ezinkundleni zobuchwepheshe esisebenza kahle kodwa abathengi abangazi ukuthi kuthengwa kanjani kusona. Kusobala-ke ukuthi zombili azilungile ebhizinisini, yingakho kudingeka loku kokubili ukuthi kuhambisane.

  • UZama Simelane uyi-IT professional nomunye wabaqondisi eVuyoM

Facebook: eZamangwane Ziphelele

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page