Uqale ukulima ngoba egajwe yizinkinga zemali. Namhlanje umsebenzi usuthele kangangokuthi useqashe izisebenzi eziwu-12. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
UNGENE ebhizinisini lokulima ngoba efuna ukuba yisibonelo kubafundi bakhe uthishanhloko osewumlimi.
UNksz uThanda Mbeje, uthishanhloko wesikole samabanga aphezulu oLundi, uthi ukufundisa izifundo zamabhizinisi kumenze waba wumlimi. Ngenkathi esafundisa ezamabhizinisi ngaphambi kokuba wuthishanhloko wayegcizelela kubafundi ukuthi bakwazi ukuzimela.
“Ngesikhathi ngisafundisa ngangikhuthaza abafundi ukuthi baqale amabhizinisi abo ukuze bazimele. Bengijwayele ukubatshela ukuthi akusalungile ukufunda ngoba ulindele ukuqashwa kodwa kumele bavule amathuba omsebenzi. Bengiba nenselelo ngoba abanye bebengibuza ukuthi kungani ngingabanga wusomabhizinisi,” kusho yena.
Uthi umhlaba alima kuwona KwaSwayimane wawuthenga ngo-2016. Ibhizinisi lakhe yiKwaMaNdlovu Organic Cultural and Farming, athi uliqambe ngokhulu wakhe. Ngesikhathi ethenga umhlaba izinto zazingahambi kahle kwezezimali, efuna okunye angaziphilisa ngakho.
Uthi lo mhlaba, ongama-hekthare amane, wawuthengela ukuqala ibhizinisi lomndeni. Kuthe uma ephinda ebhekana nezinkinga ezenze ukuthi ahlabe ikhefu emsebenzini wokuba nguthishanhloko ngo-2019, wabuyela ebhizinisini lokulima.
“Ubuhleli nje umhlaba, kungaqaleki ukusebenza. Siqale ukutshala ngo-2019. Ngalahlekelwa kakhulu ngoba isivuno asihambanga kahle. Saqala ngokutshala amazambane, u-anyanisi nopelepele. Ezihlahleni eziwu-200 zikapelepele, kwaphuma eziwu-50 kuphela,” kusho uNksz uMbeje.

Uthi walulekwa ngabanye abalimi ukuthi afune ongoti abazomhlolela isimo somhlabathi. Yilapho ethole khona ukuthi umhlabathi ubungavundile ukutshala ezinye izinhlobo zamaveji njengoba ubusuhlale isikhathi eside ungasetshenziswa.
Ngonyaka odlule utshale kabusha, kwadingeka ukuthi ame ukutshala u-anyanisi, obungavumi. Useqalile ukubona izithelo njengoba esenezisebenzi eziwu-12. Usetshale amazambane, ubhatata nombila.
“Ngesikhathi ngiqala leli bhizinisi inhloso enkulu bekuwudayisela abazothenga ngomthamo omkhulu bese beyazidayisela. Ngiyathanda ukuvulela abanye amathuba amabhizinisi nomsebenzi. Zikhona izitolo ezithembise ukuthenga uma sekuphume isivuno esisha kodwa angikho nkamunkamu ekudayiseleni izitolo ngoba vele sezithuthukile,” kusho uNksz uMbeje.
Uma edayisela amanye amakhasimende kukhona afuna ezinye izinhlobo zamaveji angenawo. Loku kwenze akhe ubudlelwano nabanye abalimi, badayiselane abangenakho. Uthe amakhasimende akhe amaningi yilawo anamabhizinisi okupheka nathengela imindeni yawo.
Wasebenzisa u-R12 000 eqala leli bhizinisi. Yize esenezisebenzi, uthe usazibambela mathupha ensimini. Loku ukwenzela ukuzama ukuqeda umqondo wokuthi umsebenzi wokulima ngowabantu abasezingeni eliphansi ngokwempilo.
“Kunempilo emhlabathini futhi kuyaphileka. Thina sakhula izinto sifihlelwe, ibukelwa phansi imisebenzi engcolisayo. Le misebenzi iyona enamathuba okuziphilisa kodwa sasuke sagijimela eyasemahhovisi,” kusho yena.

UNksz uMbeje useneminyaka ewu-20 ebuthisheni kanti waqala ukuba wuthishanhloko ngo-2014. Uwumbhali wencwadi ethi At Gun Point My Dream Was Conceived, ayibhala ngemuva kokuhlaselwa.
Facebook: Thandah Mbeje

