Uvundulule ‘igolide’ ngokuvula indawo yokudlela edayisa amagwinya anomkhuba phakathi. Uxoxe noTEBOGO Mokoena
UTHATHE ilokishi wayolifaka shi esilungwini ngokuvula indawo yokudlela, iBite of Africa. Le ndawo idayisa amagwinya endaweni yomntakabani, iSandton, eGoli, neyisizinda somnotho kuleli dolobha.
UNkk uTsakani Eseyoma, ozalelwe eKurhuleni, eGauteng, noneziqu zezobuchwepheshe, ezokuxhumana namabhizinisi, utshele iVutivi ukuthi ukhethe iSandton ngoba kuseduzane nalapho ehlala khona kanti futhi amagwinya awukudla abantu abaningi kule ndawo abangawajwayele.
“Ngenkathi izwe livaliwe, miningi imicabango yebhizinisi eyangifikela
njengoba nami ngangiduve ekhaya. Ngakhetha ukwenza into engiyithandayo ngoba ngiyakuthanda kakhulu ukuphekela nokubhakela abantu,” kusho yena.
“Ngikhethe amagwinya ngoba awukudla okuthandwayo lapha e-Afrika. Ngesikhathi ngiyivula indawo abantu babesemakhaya futhi bewafuna kakhulu. Njengoba kuqhubeka izinyanga kungcono kakhulu ngoba bayanda abazi ngebhizinisi.”
Wayeka emsebenzini ayesebenza kuwona ngaphambi kokuthi kuvalwe izwe. Udayisa namabhanisi ane-cinnamon. UNkk u-Eseyoma uthe zintathu izinto ezenza amagwinya akhe ahluke. Okokuqala yizinga eliphakeme enziwe ngayo, okwesibili yindlela apakishwa ngayo kuthi okokugcina kube wukuthi uyawadiliva.
“Asidayisi amagwinya ajwayelekile kuphela. Sidayisa namagwinya anoshokoledi, i-caramel noshokoledi omhlophe. Sisebenzisa nezithako ezisezingeni eliphezulu ukuqinisekisa ukuthi ahlale esesimweni,” kunaba uNkk u-Eseyoma.
Igwinya liqala kuR20.55 lilodwa bese kuya nokuthi lifakweni phakathi.
Le nkampani iyadiliva ezindaweni eziningi eGauteng njengaseGoli, Centurion, eSoweto naseKurhuleni. UNkk u-Eseyoma uthe isifiso sakhe wukubona le nkampani igcine isiyizitolo ezinabanikazi bazo kepha ngaphansi kwesakhe, phecelezi i-franchise, emhlabeni.
“Iphupho lami wukuvula amagatsha e-United Kingdom, e-United States namanye amazwe ukuze ngibafundise ngamagwinya,” kuphetha uNkk u-Eseyoma.
Njengamanje uqashe abantu abayisithupha.
Uthi inselelo wukungabi nemali yokuthenga yonke imishini ayidingayo.
Kodwa uthi kuyamjabulisa kakhulu uma ebona indlela asebesimeme ngayo nendlela abemukelwe ngayo ngamakhasimende njengoba benamakhasimende azo zonke izinhlanga.
Instagram: biteofafrica
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za