UNksz uKekeletso Tsiloane weRamatsilo Trading

Izithombe: Zithunyelwe

Ukuvama ukuhamba noyise uma eya enkampanini yakhe yokwakha kwatshala imbewu izelamani eziyibone isiqhuma kuzona njengoba nazo sezisebenza kulo mkhakha. USLINDILE KHANYILE uxoxe nesinye sazo

PHAKATHI kuka-2016 no-2018 uNksz uKedibone Tsiloane weRamtsilo Trading ubegoduka ngempelasonto asuke eGauteng alibangise eSasolburg, eFree State, afike axove usimende nenhlabathi bakha ama-blocks nodadewabo uKekeletso, ababambisene naye kule nkampani.

Ngaleso sikhathi uNksz uTsiloane, owumcwaningimabhuku oqeqeshwe e-University of Pretoria, wayesebenzela elinye lamabhange kanti umholo wakhe yiyona mali abasungula futhi bakhulisa ibhizinisi ngayo.

UNksz uKedibone Tsiloane obambisene nodadewabo uKekeletso eRamtsilo

Uthi wayesebenza efika ngoLwesihlanu ntambama kuze kube yiSonto ntambama bese ephindela emsebenzini ayeqashwe kuwo.   

“Ngaphila le mpilo iminyaka emibili yonke kungekho nto etheni ehlanganayo,” kulanda yena.

Namhlanje lezi zelamani ziwundabamlonyeni njengoba idlondlobala inkampani yazo edume ngokwakha ama-blocks enziwe ngeplastiki. Empeleni banezinkampani ezimbili, egaya yenze kabusha ucwazi, ezinze eFree State, bese kuba ngeyakha ama-blocks, eseGauteng.

UNksz uTsiloane, oneminyaka engu-31, uthi besakhula kwakuthi uma kuvalwe izikole bahambe noyise owayenenkampani yokwakha kanti yena wayefike asebenze ehhovisi, kuthi udadewabo abe lapho kukhala ifosholo khona.

Kuthe ngo-2013 uyise wababhalisela inkampani yabo, baqala bakha ama-blocks ekhaya.  

“Udadewethu akazwani nhlobo nokungcola, uyile nhlobo okuvele kube ngathi iyagula uma ibona udoti phansi. Ngelinye ilanga sathi sizihambela, sahlangana nomuntu owayehamba eqoqa udoti sase sifikelwa wumcabango wokuqhamuka nento ezosenza sihluke kodwa kuqhubeke kube ngama-blocks abantu abazokhululeka uma bewabona bewaphethe futhi kube ngaphephile.

“Saqala ngo-2017 uhlelo lokuthi ahlolwe. Uma uwaqhathanisa nalawa ajwayelekile, ama-blocks akhiwe ngeplastiki amunca amanzi kangcono, awasebenzisi ugesi omningi futhi kuthatha isikhathi ukuthi uqale ubone indlu iqhekeka. Kuthe yonke into isiphasile, saqala ukuwakhangisa,” kulanda yena. 

Ukuzama ukukhulisa umsebenzi, lezi zelamani zinqume ukuthi ifemu enomishini wokwakha la ma-blocks izinze eGauteng kanti zibe sezisusa nezinye izisebenzi eFree State ekuqaleni konyaka odlule nokuthe kungakabiphi kwahlasela ubhubhane iCOVID-19 kwaphoqa ukuthi umsebenzi ume kodwa baqhubeka bathwala izindleko zokususa abantu kwesinye isifundazwe.

Ziyabuya eRamtsilo eBenoni, eGauteng, kwenziwa ama-blocks eplastiki

“Kwakunzima kulezo zinyanga kodwa siyithimba elibambisanayo sonke futhi siyasiqonda isidingo sokuthi izinto kumele zishintshe masinyane. Kukhona umsebenzi owama, kwathi omunye wahoxiswa unomphelo kodwa siqhamukile nezindlela zokuthi silibambe ibhizinisi futhi sinakekele nezisebenzi zethu. 

“Okunye okusisizile ngesikhathi izwe livaliwe wukuthi sithole ithuba lokulungisa ezinye izinto ebezingahlelekile kahle, sabuyekeza nomhlahlandlela esiwusebenzisayo futhi saqinisekisa ukuthi siyayilandela kahle yonke imigomo esibekelwa yona neyezokuphepha,” kusho uNksz uTsiloane.

Ifemu eseGauteng iseBenoni kanti ikhiqiza ama-blocks awu-10 000 ngosuku. Kule ndawo baqashe abantu abayisishiyagalombili abasebenza ngokugcwele, abane abayitoho kanti esewonke amathuba omsebenzi akhekayo awu-40. E-Free State khona baqashe izisebenzi ezintathu ezisebenza ngokugcwele kanti abantu abahlomulayo ngenxa yale ndawo baphakathi kuka-50 no-60.

UNksz uTsiloane uthi sebafunda nodadewabo ukuhlukanisa umsebenzi nezinto zomndeni njengoba naye ekuqonda ukuthi yize emdala kunoKekeletso kodwa akusho ukuthi nasemsebenzini kuhamba kanjalo.  

Uthe isifiso sabo wukubona inkampani ikhula isabalalele kwezinye izifundazwe ukuze kuzokwanda intsha ezisebenzayo kanjalo nakwamanye amazwe e-Afrika. 

Nokho uthe kumqoka ukuthi intsha efisa ukuzisebenza izimisele ngokuzikhandla futhi ingajahi izinto eziza kalula nemiphumela esheshayo. 

Instagram: @ramtsilo_plasticbricks 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page