Ungene ebhizinisini lokuhlobisa engaqondile kanti manje usezitholele okwehlukile kulo mkhakha, nokumkhulisela umsebenzi. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
UNEKHONO lokuqhakazisa imicimbi onebhizinisi lokuhlobisa elihlukile. I-Table Manners yenza umhlobiso wemicimbi oneNkosi phakathi.
UNksz uZamathenjwa Nene, waseMgungundlovu, uthi yize iphupho lakhe lokuba wumhleli omkhulu wephephabhuku lingaphumelelanga, kodwa kuvele isiphiwo sakhe sobuciko esimvulele ithuba lebhizinisi.
“Ngenza izifundo zobuntatheli ngo-2011 kodwa ngangahlala kakhulu ebuntathelini. Ngasebenza isikhashana ngaphansi kwenkontileka e-Independent Media, ngabuya ngathola umsebenzi emNyangweni wezokuHlaliswa kwabaNtu ePitoli. Wudadewethu owangicabela indlela ebhizinisini lokuhlobisa, nalo engangingakaze ngilihlelele,” kulanda yena.
Uthi udadewabo wamcela ukuthi bahlobise komunye umcimbi. Yize eqale ngokuhlobisa okujwayelekile, usefundele olunye uhlobo lokuhlobisa ngezimbali olubizwa nge-floral decor. UNksz uNene uthe kulolu hlobo lokuhlobisa kusetshenziswa izimbali zodwa. Ukuthanda lolu hlobo lokuhlobisa kwenze ukuthi ayozicija kwi-flower arrangement ne-floral design, namanje athe kunamakilasi asawahamba ukuthuthukisa ikhono.
“Wonke umuntu angahlobisa kodwa bambalwa abasagxile kulolu hlobo engilwenzayo. Abantu abaningi bayanqena ukuhlobisa ngezimbali kanti kudinga ikhono elihlukile nesineke. Ngiyaqhubeka nokuhlobisa ngendlela ejwayelekile kodwa ngithanda kakhulu i-floral design,” kusho uNksz uNene.
Uthi okunye okuhlukile nokwenza ukuthi abanye banqikaze ukuhlobisa njengaye wukuthi kuyabiza. Uthe izimbali zizodwa zimba eqolo futhi kumele uthole uhlobo oluthize lwazo. Wayengazi lutho ngezimbali njengoba ethi namanje abanye benenkolelo yokuthi yinto yabohlanga oluthile.
Uthando lwalo msebenzi lumenze ukuthi afunde kabanzi ngezinhlobo zezimbali. Uthole nokuthi kukhona ezingatholakali kalula eNingizimu Afrika, ezithengwa kwamanye amazwe.
“Bengingazi ukuthi imbali yohlobo i-rose kwayona ihlukene kaningi. Ngenxa yokuthi ezinye izimbali asinazo kuleli, kukhona ezingatholakali ebusika; okwenza zibize kakhulu uma zithengwa kwamanye amazwe. Loku kwenza ukuthi nomsebenzi umbe eqolo ngoba nesikhasimende lisuke lifuna ukweneliseka ngohlobo lwezimbali ezisetshenzisiwe,” kusho yena.
Ngonyaka odlule ubegxile ekuhlobiseni emishadweni. Nokho kuphazamisekile kancane ngenxa yokuvalwa kwezwe.

Kulo nyaka ufisa ukufundisa abanye abantu lolu hlobo lokuhlobisa ukuze baziqalele amabhizinisi. Uthe iTable Manners wayisungula ngo-2018, wabuya wayeka, ngenxa yokudikibala. Ubuyiswe kulo msebenzi wukuncengwa ngelinye ikhasimende ebelifuna isandla sakhe kuphela.
Indlela ibhizinisi elikhula ngayo, sekuphoqa ukuthi aqashe abazomlekelela uma enomsebenzi omningi kodwa ukhonze ukuzibambela mathupha.
Uthe kubalulekile kuleli bhizinisi ukwazi izitayela njengoba nazo zifika zedlule. Uthe kubalulekile nokuxuba kahle imibala, okwenza umhlobiso ukhange. Instagram: @table.manners_