Abama-medical aid bathi bazimisele ukusiza uhulumeni ukufinyelela kubona bonke abantu abawu-40 million okumele bagonywe kodwa bayaziqhelelanisa nokuthi sebevumile ukukhokha uR6.8 billion ukuze kugonywe nalabo abangesiwo amalungu abo
INHLANGANO engenzi inzuzo newubumbano lwezinkampani ezihlinzeka ngomshwalense wezempilo, phecelezi ama-medical aid, iBoard of Healthcare Funders (iBHF) isikuqinisekisile ukuthi labo abangamalungu alezi zinkampani bazowuthola umgomo weCOVID-19 kodwa nazo zizowagoma ngokulandela uhla lwabantu okumele kuqalwe ngabo njengokusho kukahulumeni.
Isikhulu esiphezulu seBHF uDkt Katlego Mothudi sithe nokho basayibhunga eyesicelo sikahulumeni yokuthi lezi zinkampani azilekelele ngoR6.8 billion ukuxhasa ukugonywa kwabantu abangewona amalungu e-m edical aid.
UDkt Mothudi ukuqinisekisile ukuthi umgomo weCOVID-19 usohlwini lwemithi lezi zinkampani eziphoqelekile ukuyikhokhela ezaziwa ngokuthi ngama-prescribed minimum benefits (amaPMB). Kulolu hla kukhona izifo nemithi ecela ku-300 okufanele zikhokhelwe.
Le nhlangano ithe ikhathazekile ngemibiko elokhu iqhamukile yokuthi le nhlangano isivumile nale mali njengoba ithe kunemibandela emthethweni olawula ukusebenza kwamalungu ayo, iMedical Schemes Act, engavumi ukuthi kukhokhelwe abantu abangesiwo amalungu e-medical aid.
UDkt Mothudi uthi: “I-BHF iyaqonda ukuthi kumele kugonywwe okungenani u67% wesizwe ukuze ubonakale umphumela womgomo. Yingako sibambisana nohulumeni ukuthola isisombululo sokuthi zingasizwa kanjani izakhamuzi ezingewona amalungu e-medical aid ukuze sifinyelele ekugomeni lesi sibalo esisidingayo. Sixoxisana nanamalungu ethu ukuze sithole uhlaka lokweseka uhulumeni ngokokuvuma kweMedical Schemes Act nemithetho elawula lezi zinkampani,” kuchaza yena.
Ngaphezu kwalo mthetho, uDkt Mothudi uthe kukhona nemithetho yazo lezi zinkampani ezibhaliswe kwiCouncil of Medical Schemes, nokuyiyona ebhekelela ukusebenza kwazo.
Wengeze ngokuthi uhulumeni akakacacisi ukuthi umgomo ngamunye uzobiza malini nokuthi yimalini okuzodingeka ikhokhwe ngama-medical aid uma esewuthenga emNyangweni wezeMpilo njengoba kuwuhulumeni kuphela ozowuthenga
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt uZweli Mkhize uthe umgomo uzoqala ukufika eNingizimu Afrika ngasekupheleni kwenyanga. Ememezela ngokuhlinzekwa kwalo mgomo, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe u-67% wesizwe okuzophokophelwa ukuthi ugonywe ngabantu abawu-40 million.
URamaphosa uthe abantu abazogonywa kuqala yizisebenzi zezempilo eziwu-1.2 million. Kuyolandela ezinye izisebenzi eziwumgogodla wezwe njengothisha, amaphoyisa, izisebenzi zikamasipala nezinye.
Emva kwalokho, kuzolandela abahlala emakhaya abadala, abasemajele, abaneminyaka engaphezu kuka-60 nabadala abanezifo eziyimbelesela.
Bonke laba abazogomwa esigabeni sesibili babalelwa ku-16 million. Esigabeni sesithathu, kuzogomwa bonke abanye abantu abadala okungabantu abacela ku-22.5 million. – Intatheli yoMbele