Ukunyusa imali yezisebenzi zezolimo ngo-16% kubeka engcupheni imisebenzi kule mboni
ABALIMI bawotha ubomvu ngokuthi izisebenzi zasemapulazini sekuzofanele zihole uR21.69 ngehora njengoba bethi loku kuzobeka imisebenzi engcupheni ngoba ngeke bakwazi ukumelana nalezi zindleko.
UNgqongqoshe womNyango wezemiSebenzi uMnu uThulas Nxesi usanda kumemezela ushintsho emalini ezoholwa yizisebenzi kwezolimo, ezisebenza ezindlni nalezo ezisohlelweni lukahulumeni i-Expanded Public Works Programme (i-EPWP).
Izisebenzi ezihlanza izindlu zona sezizohola uR19.09 ngehora kuthi eze-EPWP zona zihole uR11.93 ngehora.
Inhlangano yabalimi i-Agri SA ithi leli holo elisha yinto imboni yezolimo engenawo amandla alo. Le nhlangano ithi iyaziqonda izidingo zezisebenzi nemindeni yazo kodwa ithi imindeni ehlwempu idinga imisebenzi kanti isimemezelo sikaNxesi sibeka engcupheni imisebenzi.
Le nhlangano ithi ibiwukhumbuzile umnyango ukuthi le mboni igcwele abalimi abasafufusa nabaphakathi nendawo kanti labo abakhulu bambalwa.
“Laba balimi abancane nabaphakathi nendawo basanda kuthwala kanzima ngenxa yesomiso nosekubhebhethekiswe yimiphumela yobhubhane futhi kuyadumaza ukuthi lezi zinto azibhekwanga,” kusho i-Agri SA.
Le nhlangano ithe kubonakala sengathi abathathe lesi sinqumo benze isinqumo ngombono okungesiwo wokuthi umphumela wobhubhane (iCOVID-19) awubanga mubi kangako kwezolimo. Ithi ezinye izimboni ezincike kwezolimo njengeyewayini, ekagwayi, eyensonto nezinye azithathwangwa njengezimqoka nokusho ukungasebenzi izinyanga ezimbalwa ngesikhathi izwe livaliwe esigabeni sesihlanu.
Ithi abalimi ezindaweni ezikhahlanyezwe yisomiso njengeNorthern Cape, iMpumalanga Kapa neNtshonalanga Kapa basabhekene nezinselelo ezinkulu zemali kanti njengoba iLand Bank inezinkinga, loku kunyusa amaholo ngo-16% kuzokwengeza kulezi zinkinga futhi kuzophazamisa ukukhula komnotho.
Le nhlangano ithi lesi sinqumo sizonyusa izindleko zabo ngo-30% futhi yizindleko okuzomele bazidlulisele kubathengi ngokunyusa amanani okudla.
UMnu uSinelizwi Fakade, umlimi osafufusa waseMpumalanga Kapa, naye ukhalile. Uthi uyaqonda ukuthi kumele izisebenzi zinakekelwe ngendlela efanele kodwa kumlimi ofana naye osapatanisa, lezi zindleko ezintsha ziwumqansa.
Uthi kumele abantu baqonde ukuthi lena yimboni enzima, ikakhulukazi kubantu abanjengaye abasaqhukuluza futhi izindleko ezifana nalezi zibahlehlisela emuva.

“Akungatshazwa ukuthi izisebenzi zingabantu futhi kumele zinakekelwe ngobuntu nangendlela enesithunzi. Kodwa ngicabanga ukuthi bekumele kube khona indlela yokusilekelela ukuthwala lezi zindleko, ikakhulukazi thina esibasha kule mboni.
“Mina nje ngiqashe abantu abawu-27 kodwa uma ubuka manje izindleko loku kuyanginqinda ukuthi ngitshale ezintweni ezidingekayo ukuze ngikhule, nokusho ukuthi ngizoma ndawonye, ngingakwazi ukwenza ezolimo ngendlela esekwenziwa ngayo manje,” kusho uFakade. – Intatheli yoMbele