Uneziqu ezihlukene kwezolimo, uke waba yinduna emsebenzini kodwa wakushiya phansi konke loko, wakhetha ukuzisebenza. Lo somabhizinisi uxoxe noLANGA KHANYILE
NGENXA yokuthi kuyaphileka ngokuzisebenza, umnikazi webhizinisi lefenisha yekhethelo uthi akaziboni esebenza ku“mlungu”.
Kepha ukuzisebenza akuqalanga kuwuswidi namakhekhe kuMnu uMandisa Shabangu waseNelspruit, eMpumalanga. Uthi ngemva kokushiya umsebenzi awufundela, okungezolimo, ethi uyaphanta kodwa endleleni waphoqeka ukuthi aphindele emsebenzini.
Uthi: “Ngathi ngisazisebenza, ngathola indodana. Unina wangifaka ingcindezi sekukhona ingane, ngagcina ngiphoqeke ukuthi ngibuyele emsebenzini. Ngathola umsebenzi ePPECB, ngaqeqeshwa izinyanga eziwu-12 ukuba yi-supervisor, ngasebenza kwaze kwaba wu-2019. Ngokuqhubeka kwesikhathi ngayeka.
“Ngemva kwaloko, ngayeka umsebenzi, kwaqala kanjalo ukuphanta kwami. Ngaqala ngithengisela izitolo ezinkulu izithelo namaveji; ngizikhulumela ngamanani okunye engangikwenza wubuciko bokulungisa amagceke abantu (i-landscaping). Ngathi ngisasebenza, ngathola indodana,” kukhumbula le nsizwa ene-Diploma in Plant Production yaseLowveld College of Agriculture, esibizwa nge-University of Mpumalanga. Le diploma yelanywa yiDegree in Agricultural Extension yase-UNISA kanti kumanje wenza i-Agricultural Management.
UShabangu nomfowabo omncane uBonke, owuthisha nowafundela ezolimo naye, basungula ibhizinisi elenza izikhumulo zokuhlanza izandla, phecelezi ama-sanitising booth. “Satshala imali eningi kulo msebenzi, sithenga amaphampu nezifutho. Kwakuwumsebenzi esizisungulele wona futhi unedumela, amakhasimende eyithanda into esiyenzayo. Ngeshwa, umNyango wezeMpilo kazwelonke wathi wathi abukho ubufakazi besayensi obufakazela ukuthi lezi zikhumulo zisebenza ngendlela efanele.”
Abaphelanga amandla. Ngemva kwaloko, baqala ukwenza izinto zokuhlanza izandla ezisebenza ngonyawo. “Sabuyela kanjalo emsebenzini,” kusho le nsizwa yaseNgodini.
Kodwa akusilo ibhizinisi abagxile kulona manje. Bagxile ekwenzeni izingubo i-Abuti Apparel. Nokho uBonke wabuye washiya, wayoziqhubela umshikashika wakhe.
E-Abuti kudayiswa izimpahla zokugqoka ezisezingeni eliphezulu. “Sasifuna ukudayisela abantu bakithi izimpahla zokugqoka ongazithola ezitolo ezinkulu kodwa ezethu zenzelwe abantu bakithi. Kwesikwenzayo sazisa kakhulu indaba yobudlelwano. Umuntu ogqoka impahla yenu, simthatha njengobhuti kithina.” kusho uShabangu, echaza indaba yegama elithi Abuti (ubhuti ngesiSuthu) noma umnakethu ngesiSwati sakubo.
Insika yebhizinisi yizimpahla zokugqoka, okubalwa kuzona ama-tracksuit, izikhindi, izikibha, ama-crop top nama-bum short.
Ngenxa yesithukuthezi nokuphazamiseka kokundonda komsebenzi ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19, uShabangu waqala ukwenza ifenisha yekhethelo ngokuthanda komuntu nomuntu. Kule fenisha kukhona amatafula, izitulo amaTV stand njalonjalo.
“Ngesikhathi sokuvalwa kwezwe, ngathatha ipeni nephepha, ngadweba. Ngangizidlalela nje ngisebenza ngensimbi; nakhu ngangingakaze ngisebenze ngensimbi njengomuntu wezolimo. Sigabe ngokudayisa izinto ongeke uzithole ndawo nezekhethelo. Umuntu usho into ayifunayo, siyikhiphe injengoba efisa. Nezimpahla zethu zokugqoka siyazigaranta. Uma iphupha, sithi yibuyise sikunike enye. Sigabe ngezinga eliphezulu.
“Okunye esifisa ukukwenza wukugeza igama labantu abamnyama lokuduma ngokuthi umsebenzi wabo owezinga eliphansi futhi abathembekile. Ngenhlanhla abantu basamukela kahle,” kusho yena.
Ephawula ngamanani ezimpahla abazidayisayo, uthe: “Ifenisha yethu ayifani. Kuya ngokuthi ufuna i-coffee table eyodwa, yaluphi uhlobo; yokhuni, yensimbi, yetshe noma yengilazi, ufuna isitulo esisodwa noma isethi bese sikwenzela ngokufisa kwakho.”
Amanani abo aqala kuR3 000 kuye kufinyelele kuR13 000. Izitulo zekhethelo zibiza kusukela kuR1 700 kuye kufinyelele kuR7 000. Ezihamba ngantathu ziqala kuR4 000, zifinyelele kuR13 000.
Inselelo elethwe yiCOVID-19 wukuthengwa kancane kwempahla. Uthi kungenxa yokuthi abantu baqale baqikelela indlela abasebenzisa imali ngayo.
Ngokwezinhlelo ngekusasa bafisa ukuvula isitolo. Nakuba babehlele ukusivula ngemva kweminyaka emihlanu, kepha sebekulungele ngonyaka wabo wesithathu. “Siholwa yindlela esikhula ngayo. Simandla ekucwaningeni ngezinto esizenzayo. Sinezindlela zokuzikhangisa ezihlelekile. Isibonelo nje sisebenzisa abantu abangama-influencer ukukhangisa izimpahla zethu kodwa abangesibo osaziwayo,” kusho yena.
“Ngisho nomama womntanami, nasekhaya (ababengithwalise kanzima), bayabona kuyaphileka. Yibona abangikhuthazayo manje,” kuphetha uShabangu, ehleka kancane.
Facebook: ABUTI-SA
Instagram abuti_SA