Uthando lokupheka nokosa inyama sekumzalele amabhizinisi okhiqiza amalahle nama-spice. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
YAQALA ibhizinisi ngoba izama ukuxazulula inkinga eyayixakile intokazi esizikhiqizela amalahle. UNksz uZinhle Loraine usedayisela nezitolo amalahle nezinkuni.
UNksz uLoraine, wase-Ermelo, eMpumalanga, waqala ngebhizinisi lokuzihlanganisela ama-spice, elibizwa ngeSix to Six Spices, ngo-2015. Uthi ukusungula leli bhizinisi kwenziwe wukuthi ukhonze ukupheka nokosa inyama.
“Bengijwayele ukuthatha ama-spice ngiwahlanganise ngoba ngifuna kuphume ukunambitheka okuhlukile. Bengizwisa abasekhaya ukuthi anambitheka kanjani, ngagcina ngidayisela nomakhelwane bawathanda,” kulanda yena.
Kumanje usedayisela izitolo nezindawo ezinamabhizinisi awoshisanyama. Uthi ukhonze ukuthuthukisa abanye abantu, okwenza ukuthi abakhuthaze nokuthi bathenge kuyena ngenhloso yokuzidayisela. Akagcini ngokuzihlanganisela ama-spice kodwa useyatshala.
“Nginengadi lapho ngizitshalela khona u-ginger ne-turmeric. Ngithatha lezi zithako ngizihlanganise namanye ama-spice. Loku kwenza ukuthi ngibe nohlobo lwama-spice angatholakali kwezinye izitolo.”

Uthi ibhizinisi lakhe lamalahle i-The Beast Braai lungenxa yothando lwakhe lokupheka nokosa inyama. Uthi wamangala ngelinye ilanga ezula zonke izindawo efuna ukuthenga amalahle kodwa wangawathola. Kuthe uma enza ucwaningo wathola ukuthi zincane izindawo ezidayisa amalahle, okwenza ukuthi nezitolo zingawatholi kahle.
UNksz uLoraine, oneziqu ze-Chemical Engineering zaseVaal University of Technology, usebenzise ulwazi lwezifundo zakhe ukwenza ucwaningo ngokukhiqiza amalahle.
Yize engafisi ukugeqe amagula ukuthi akhiqizwa kanjani amalahle, uthi akubanga nzima ukungena kulo mkhakha. Uthe basebenzisa imfucuza ukukhiqiza amalahle, umsebenzi bawenzela epulazini. Wasebenzisa imali elinganiselwa kuR100 000 ukuqala ibhizinisi lamalahle, elekelelwa wumndeni wakhe ngenye.
“Ngaqala ngo-2017 ukuzikhiqizela amalahle ngoba ngifuna ukuletha isisombululo sokushoda kwawo. Umsebenzi uyakhula kakhulu kangangokuthi senginabantu abangisizayo epulazini uma sikhiqiza. Abanye bangisiza ngokuwafaka emasakeni, baphinde bangithuthele wona. Abantu bafaka ama-oda bese siyabathuthela. Ngithuthela zonke izindawo eziseMpumalanga, osekukhona nezitolo ebezinenkinga yokushoda kwamahlahe esezithembele kimina,” kusho yena.

Uthe akwenzeki umsebenzi ungahambi ngoba usenamakhasimende athembele kuyena, awathuthela amalahle nama-spice njalo ngenyanga naphakathi nayo.
Lo somabhizini usevulele ithuba abanye abesifazane, abathenga kuye amalahle amaningi ukuze baqale awabo amabhizinisi okudayisa.
Unenhlangano i-The Rich Mommy Foundation, ehlose ukuchushisa nokuthuthukisa abesifazane kwezamabhizinisi. Ukholwa wukuthi abesifazane kumele badale amathuba omsebenzi kunokuthi balindele ukuqashwa.
Facebook: Zinhle Loraine