Zonke izinsuku yena nethimba aliholayo bafana noDavide ebhekene noGoliyathi njengoba belwa nezinkampani ezinkulu ukusiza abathengi futhi bayazinqoba lezi zimpi. UKhomishana weKhomishini yokuNcintisana uxoxe noSLINDILE KHANYILE
ISIKHATHI okuphilwa kusona manje silawulwa wubuchwepheshe yonke ndawo futhi ayikho indlela yokukugwema loku. Kodwa ubuhle nemivuzo yobuchwepheshe nobuxhakaxhaka abufinyeleli kuwona wonke umuntu eNingizimu Afrika.
Enye imbangela yaloku wukumba eqolo kwamanani e-data noma “umoya” odingekayo ukuze umuntu akwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe kahle. Nokho-ke nakuba esakhalisa amanani e-data kodwa akusafani nakuqala, njengoba kusukela ngonyaka odlule ehliswe ngo-30%.
Omunye wabantu obehola le mpi wuMnu uTembinkosi Bonakele, uKhomishana weKhomishini yokuNcintisana, iCompetition Commission, kuleli zwe.
Izivumelwano le khomishini eyafinyelela kuzo neVodacom neMTN azigcinanga nje ekwehliseni amanani kodwa zenza ukuthi lezi zinkampani zethule nalokhu okuthiwa yi-zero rating kwamanye ama-website njengalawo aqondene nezemfundo, asetshenziselwa ukubheka imisebenzi, awezempilo namanye anjalo. Loku kusho ukuthi umuntu ongena kulama-website akadingi ukuba ne-data.
Ngonyaka odlule belu le Khomishini yamemezela ukuthi uyaphela umkhuba obuwenziwa yinqwaba yezikole, ikakhulukazi lezi okwakungezabelungu kuphela, wokuphoqa abazali ukuthi bathenge umfaniswano esitolo sasesikoleni kodwa ithe abazali abavunyelwe ukuthi baqhathanise amanani nezinye izindawo ezidayisa umfaniswano.
Kusukela ngoJulayi kulo nyaka umuntu othenga imoto ngeke esaphoqeleka ukusebenzise labo bantu ayithenge kubona kuphela ukuyinakekela ngezinto ezifana ne-service ngoba ikhomishini ithi loku kwenza kungabi nokuncintisana futhi kuvalela ngaphandle abasafufusa nabebencishwe amathuba kule mboni.
Izingxoxo phakathi kwekhomishini nemboni yezimoto zaziqale ngo-2017.
UBonakele nethimba lakhe ungabafanisa noDavide ohlale ebhekene noGoliyathi ngoba njalo baya empini nezikhondlakhondla zezinkampani ezinayo yonke inhlobo yemali, abameli, abacwaningi, osomnotho nabo bonke ochwepheshe ongabacabanga futhi ezingenqeni ukumkhokhela ukubambelela endleleni ezenza ngayo.
Kodwa uBonakele nabalingani bakhe abatheneki amandla ngisho kungathatha isikhathi esingakanani, bagcina benqobile kanti ukunqoba kwabo empeleni kusho ukunqoba kwabathengi eNingizimu Afrika ngoba yibona abahlomulayo ngomsebenzi wale khomishini.
Uthi into ebahlupha kakhulu wukuthi eNingizimu Afrika ukuncintisana bekungaziwa futhi kungekho.
“Uhulumeni omdala ubungakukhuthazi ukuncintisana ngoba kwakunontswinyo kanti ukuze bamelane nalo bavumela izinto eziphambene nokuncintisana,” kuchaza yena.

“Ukushintsha indlela abantu abenza ngayo amabhizinisi yiyona nselelo enkulu ngoba izimboni eziningi njengekasimende, kwakungancintiswana, nohulumeni wayazi futhi ekuvumela ukuthi abantu bahlangane bavumelane ngokuthi amanani kasimende azoba yimalini. Ukuyekisa nokunqanda lezo zinto kube wumsebenzi onzima kakhulu. Kusengumsebenzi onzima nanamhlanje,” kusho yena.
Uthi nokugqoza kwamakhono kulo mkhakha wokuncintisana nakho kuyinkinga ngoba kudingeka ongoti abafana nabameli nosomnotho abazokwazi ukubahlomisa uma benquma ukushushisa inkampani ethize. Nasemanyuvesi bekungafundiswa ngokuncintisana.
UBonakele, oneminyaka ewu-45 uqale ukusebenza kule khomishini eminyakeni ewu-17 edlule njengoba ephathe izikhundla ezinhlobonhlobo ngaphambi kokuba wukhomishana.
Uwummeli owacijwa e-Fort Hare University yodumo kanti ngaphambi kokusebenza kule khomishini wasebenzela izinkampani zabameli ezizimele ngaphambi kokuthuthela eGoli, lapho khona afika wasebenzela enye inkampani ezimele.
Kwathi esasebenza, kwavela ithuba lokuyofunda e-USA unyaka, njengoba aba ngomunye wabayisithupha abahlomula ohlelweni lweNew York State Bar Association, eyayikhuthaza ukuthi abameli abamnyama bathole amathuba okufunda ngomthetho othinta amabhizinisi nokuyilapho kwaqala khona ukutshaleka uthando lomthetho obheka ezokuncintisana.
UBonakele, uzalelwe eQonce, eMpumalanga Kapa, kanti ukhulele eMthatha koninalume. Amabanga aphezulu uwafunde eMdantsane, khona eMpumalanga Kapa.
Wakhetha umthetho ngoba wayebona igalelo abameli abanalo ekuthathweni kwezinqumo ezinqala emphakathini.
Ukulwela abathengi akuyona kuphela into emgqugquzelayo, enye into ayizwa ngaphakathi uBonakele eyokuthi akube noshintsho emkhakheni womthetho ukuze abantu abamnyama bathole amathuba kahle.
Uthi ushintsho ludinga ukuqhamuka emanyuvesi kanjalo nasembonini ezimele. Muzwe enaba.
Uyaziqhenya ngawo wonke umsebenzi abawenzayo kodwa elinye icala athi ubona ukuthi lalimqoka futhi laba nomthelela omkhulu emphakathini elango-2006 kuya ku-2007 lapho balwa khona nezinkampani ezidayisa isinkwa njengoba kwavela ukuthi ziyahlangana zixoxisane ngokubizisa isinkwa.
Nakuba “inqotshiwe” impi ye-data kodwa uBonakele uthi usemkhulu umsebenzi okusamele wenziwe ukuqonda kabanzi imboni yezobuchwepheshe besimanjemanje yonke ngoba yintsha futhi kunezinto abangakaziqondi ukuthi zenzeka kanjani.
Uthi kunophenyo abalwenzayo ngoba kumqoka ukuthi ukukhula kwale mboni kungenzeki ngendlela ezovalela ngaphandle izinkampani zaseNingizmu Afrika futhi kucindezele abathengi.
Uthi kuloku okuncane abasakwenzile, inkukhu iyawusola umgqakazo kodwa kusesekuseni ukuthi sekukhona abangakusho.
Yize zikhona izinqumo athi uma ebheka emuva abone ukuthi wayengenza kangcono kodwa sisodwa vo azisolayo ngaso – wukungayifundi i-mathematics.
Ngale kweziqu zobumeli, uBonakele uneMBA yaseGibs kanti kumanje umatasa neziqu zePhD njengoba ebuye afundise. Uthi ukukhonzile ukuxoxa nentsha.
UBonakele unabantwana abane kanti uchitha isizungu ngokuvakasha nomndeni wakhe, ikakhulukazi ezindaweni ezinezilwane.
Ukhonze isitambu namasi.
Uwumlandeli weKaizer Chiefs futhi ushaya “umkhalambazo”.