Ithimba lase-In-House Car Wash, uTarquin Adonis, uLwazi Mkhwanazi, uThabiso Hlalukana noNzelo Chonco

Isithombe: Sithunyelwe

Ukubalekela ubungozi bokutheleleka nge-coronavirus nokunqena isiminyaminya endaweni yokuwasha imoto akusho ukuthi hlala nemoto exathukayo. Sekune-car wash yezinsizwa ezincane eza kuwena ekhaya, kuloba uSLINDILE KHANYILE

UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Sisho njalo isiZulu. Kunenqwaba yosomabhizinisi abakhalayo ngenxa yokuqubuka kweCovid-19 ngoba kuholele ekuweni kwamabhizinisi abo kodwa kukhona abahleka bodwa ngenxa yeminyango evulekile. 

Omunye walabo somabhizinisi abathole ithuba elisha nguMnu Lwazi Mkhwanazi ongomunye wabaqondisi be-In-House Car Wash.

Okuhlukile ngale-car wash wukuthi umuntu odinga ukuwashelwa imoto akadingi ukusuka ekhaya aye kuyona kodwa abayiwashayo yibona abaya kumnikazi wemoto; kungabe yisekhaya noma emsebenzini. 

UMkhwanazi, ona-22, uwenza lo msebenzi nabanye abane abambisene nabo enkampanini. Imoto bayiwasha ngamanzi noma uma uthanda abawasebenzisi amanzi kanti okunye okuhlukile ngabo wukuthi abawusebenzisi ugesi njengamanye ama-car wash

“Siza kuwena noma ngabe yikuphi lapho ukhona. Siwasha imoto eyodwa noma uma ufisa siwashe inqwaba yezimoto mhlawumbe zenkampani, nalokho siyakwenza,” kusho uMkhwanazi. 

“Into okuyiyona esikudayisela yona wukuthi sikuwashela imoto unethezekile kwakho noma ehhovisi, awudingi ukuzibeka engozini yokuba wuvanzi uphume uye e-car wash lapho kungenzeke ufice abanye abantu khona futhi okungenzeka ufike kugcwele.

“Lesi sikhathi esiphila kusona se-coronavirus ukuwasha izimoto ngale ndlela esenza ngayo, yiyona esekuzokwenziwa ngayo izinto ngoba iphephile. Akwenzeki uma siza kuwena sibe ngaphezu kwabane,” kuqhuba yena. 

Umsebenzi wabo ubiza phakathi kukaR100 noR160 imoto ngayinye kuye nokuthi ufisa ukuwashelwa kanjani. Le nkampani iqale ukusebenza ngoMeyi nonyaka.

“Ngoba siyinkampani esafufusa enye yezinselelo esike sabhekana nazo wukushayisana kwezikhathi zamakhasimende nokwenze singakwazi ukugcina isikhathi kodwa siyakulungisa lokho namanye amaphutha. Sinohlelo lokuthi amakhasimende abuyekeze umsebenzi wethu asitshele akuthandile nangakuthandanga nokusisizayo siphucule umsebenzi wethu,” kusho uMkhwanazi. 

I-In-House Car Wash ingaphansi kweBrethren Unlimited Group. Ezinye izinkampani ezingaphansi kwayo eyezemidlalo ezenziwa ngobuchwepheshe, ukuhlela imicimbi, ilebuli lezimpahla zokugqoka iNeoPhyte Garments neyezokungcebeleka. Imali abaqale ngayo ibhizinisi ngeyabo.

“Sikholwa wukuthi leli icebo likaNkulunkulu ngathi. Into esigqugquzelayo wukuthi sifisa ukuphumelela nokuthi sifisa ukwakha umnotho esiyowushiyela izizukulwane ngezizukulwane.

“Ngokwezinhlelo zethu sizoba yi-car wash ehamba phambili eNingizimu ne-Afrika. Lokhu sizokwenza ngokuba ne-app ngoba njengoba siphila esikhathini sobuchwepheshe kumele abantu bagcine bekwazi ukuthi babhuke i-car wash futhi bakhokhe kuyona i-app, bangadingi ukuthi ufike nomshini kubona noma babe nemali ewukheshi,” ephetha. 

Okwamanje le nkampani iqashe ngokugcwele abaqondisi bayo nokuyibona abaphumayo bayocwala izimoto kodwa uma ziningi kakhulu bayabaqasha abanye abantu.

Facebook: Lwazi Mkhwanazi

Instagram:  @lwazimkhwanazi

Twitter:  @lwaiid

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page