UMnu uThabang Mncwabe umqondisi we-Ezobayinhle Enterprise

Izithombe: Zithunyelwe

Unamaphupho amakhulu usomabhizinisi onenkampani egxile ekukhucululeni nokubulala amagciwane. Uxoxe noLANGA KHANYILE ngezifiso zakhe

UMA uzwa izinhlelo zomqondisi wenkampani ekhucululayo nebulala izilokazana, mhlawumbe kufanele le nkampani yaKwaZulu-Natali ishintshe igama layo.

UMnu uThabang Mncwabe ngenkathi esungula inkampani yakhe wayiqamba ngoku yi-Ezobayinhle Enterprise. Yebo, yinhle i-Ezobayinhle uma uzwa ngomsebenzi wayo kepha mhlawumbe kwakufanele – noma sekufanele – kuthiwe yi-Ezobankulu.

“Sihlose ukuba ngomakhonya kule mboni (yokubulala izilokazana nokukhuculula). Sifisa ukuletha isixazululo esiphelele esihambisana nobuchwepheshe besimanje,” kusho le nsizwa edabuka eBulwer kodwa yakhulela KwaMashu, ngeqholo.

I-Ezobayinhle igxile ekukhucululeni, ekubulaleni amagciwane nezilokazane. Loku ikwenza emizini yabantu, ezikoleni, emahhovisi, ezibhedlela nasezimbonini. Kuwona wonke lo msebenzi igabe ngokusebenzisa izindlela namakhemikhali okonga imvelo.

I-Ezobayinhle iphezu komsebenzi wokuxosha ubhubhane iCOVID-19

Njengoba kubheduke iCOVID-19 ezweni, i-Ezobayinhle yengeze umsebenzi wokukhuculula nokufutha ngenhloso yokubulala le nqabakayitshelwana yegciwane. 

Le nkampani, eyasungulwa ngo-2019, ayiwona uqhibukhowe njengoba igabe ngezitifiketi zalo msebenzi. Ibhaliswe kwiSouthern African Sanitisation Association Council neSouth African Pest Control Association. Kakade nomnikazi wayo ushaya ngoxhaxha lwama“phepha”. Ngemva kokufundela i-Language Practice eDurban University of Technology (eDUT), wabuye wengeza nge-entrepreneurship studies yaseDUT neFacilities Management yaseWits University. Uke wasebenza eDUT, ophikweni oluseMgungundlovu iRiverside, wagcina eyinhloko yeMaintenance emnyangweni weHealth and Safety.

Ngemva kokushiya umsebenzi, wake wathi xinti ekwenzeni imicimbi. “Ngemva kokwenza izifundo zamabhizinisi (i-entrepreunership), ngaba nesifiso sokudala amathuba omsebenzi nokukhula kulo mkhakha, ngingapheleli kwi-pest control nokubulala amagciwane kuphela kodwa futhi ngenze umsebenzi ophelele othinta le mboni,” kushelela le nsizwa ekhuluma kome nkwe.

“Phambilini le mboni ibilawulwa wuhlobo lwabantu oluthile (ngokwebala). Kunethuba lokukhula (manje). Okunye esikwenzayo yindlela ephelele yomsebenzi ngokwesidingo sekhasimende nekhasimende. Sibheka izakhiwo, sivike ingozi ngokuhlola ubungozi (obungaba khona,” kusho uMncwabe. 

Nakuba engeke awadalule amakhasimende abo kodwa kuwona omasipala, amagumbi okuxilonga ezinkampani ezizimele, amahhovisi nabantu abanemizi.

Nasemizini yabantu i-Ezobayinhle ifika qathatha

Njengoba kukhalwa ubumayemaye ngomphumela weCOVI-19 nokuvalwa kwezwe, uMncwabe uthi ibathinte kabi nakahle. “Okube yinselelo wukuthi asibange sisagxila kweminye imisebenzi esiyenzayo, kwadingeka ukuthi sigxile ekukhucululeni. Okunye okubi wukuthi eminye imisebenzi ebesinayo, inqanyuliwe.

“Okuhle wukuthi sikwaze ukuqinisa ubudlelwano namakhasimende ethu; amakhasimende asithemba,” kusho yena.

Umsebenzi uyasimama kangangokuthi ngale kukaMncwabe, unezisebenzi eziyitoho eziyisihlanu.

Ezintweni ezinkulu azizuzile ubala ukuhlonishwa embonini, ukuhlonishwa ngabalingani nokunikwa umsebenzi yiminyango kahulumeni.

Ezinselelweni ezikhona ubala ingozi yokutheleleka wubhubhane. “Uma kukhona umuntu enkampanini oke waba sengozini yokutheleleka ngeCOVID-19, siyaphoqeka ukuthi simumise ngenkathi esahlolwa. Loku kunciphisa abantu abasebenzayo.” 

Amanani abo okukhuculula ayashiyana. Uma benzela umuntu babiza phakathi kukaR600 noR1 800, kuye ngobukhulu bendawo. Izinkampani bazibiza uR3.50 i-square metre.

UMncwabe uphetha ngelithi: “Sinezinhlelo ezinkulu. Sihlose ukuba yisikhondlakhondla embonini. Sifisa ukwenza umsebenzi ophelele ngokuhambisana nobuchwepheshe besimanje, sidale namathuba omsebenzi entsheni.”

Uma kuhamba ngokwezinhlelo zayo, i-Ezobayinhle izogcina isiyi-Ezobankulu. Kwazi bani?

Facebook: Ezobayinhle

Instagram: @Mythanqaza

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page