UMnu uMteto Nyati, isikhulu esiphezulu e-Altron

Izithombe: Zithunyelwe

Kuwukucasha ngesithupha ukungabuqondisi ubugwegwe emsebenzini ngoba unqena ukuthi kuzothiwa awunabo ubuntu. Isikhulu esiphezulu e-Altron uMnu uMteto Nyati sixoxe noSLINDILE KHANYILE ngaloku nokunye

ABAPHATHI abamnyama abayeke ukugwema ukuthathela abantu abangawuhloniphi umsebenzi izinyathelo ngoba besaba ukuthi kuzothiwa abanabo ubuntu. Akukho lapho isintu sigqugquzela khona ukungaziphathi kahle emsebenzini.

Usho kanje uMnu uMteto Nyati, isikhulu esiphezulu e-Altron, inkampani yezobuchwepheshe ehweba kwiJSE. Uthi izimiso zobuntu zigqugquzela inhlonipho, ukwazisa abantu nokuba nozwelo kodwa akukho lapho zithi abantu abadedelwe benze sengathi emsebenzini kukwaMachanca, impunzi edla emini. 

“Ukuhlala phansi nomuntu nixoxe ngokungahambi kahle akukona ukungahloniphi lokho. Kumele uyikhulume le nkinga ngoba uma ungakwenzi lokho ubeka umsebenzi wenu nobabili engozini. Uyamchazela umuntu ukuthi kungani indlela aziphatha ngayo ingalungile, zonke izinkampani zinezindlela zokuqondisa ubugwegwe ongakwazi ukuzilandela. Empeleni umuntu ongawuhloniphi umsebenzi uyena ongenabo ubuntu,” kuchaza yena.

“Uma abantu bentshontsha silokhu sithi ‘awu bandla wukuthi uqhamuka ekhaya eliswele’, sifune ukuqonda leyo nto. Njengabaholi abamnyama sicabanga ukuthi kunokushayisana phakathi kwesiko lethu nesiko lebhizinisi, nokwenza abantu bachachaze emakhanda ethu kanti yibona okumele bakhombise ubuntu ngokuhlonipha umsebenzi,” kusho yena.

UNyati ngomunye wabaphathi bezinkampani abahlonishwayo eNingizimu Afrika. Ngaphambi kokuya e-Altron, wayesuka eMTN South Africa, lapho wayeyisikhulu esiphezulu kanti wayefike khona eqhamuka eMicrosoft SA, nakhona ayekade eyisikhulu esiphezulu. Wahlala iminyaka ewu-12 e-IBM, lapho aphatha khona izikhundla ezihlukene ezweni nase-Europe.

Ngenkathi esebenza eMTN SA, izinto zazimapeketwane kule nkampani; njengoba afika kunesiteleka futhi kungekho egoba uphondo phakathi kwezisebenzi nomqashi.

Kanti kwakukuningi nokwakukhalisa nasendleleni le nkampani eyayiphatha ngayo amakhasimende. Akuthathanga sikhathi, wangenelela uNyati ngokuxoxisana nezinyunyana, saphela isiteleka nokwamsiza ukuthi agxile ekulungiseni okunye ayesekubonile ukuthi akuhambi kahle.

Phakathi kwezinto azenza kwaba wukubuyekeza eminye yemisebenzi kanti kweminye kwaba khona izikhala ezivulekayo. Esinye sezikhala okwadingeka ukuthi azigcwalise kwaba ngese-chief information officer, naqoka umlungu kusona. Lokhu kwamdalela amazinyo abusheshelezi ngoba kukhona abakubuka njengokudayisa umzabalazo ngoba kwakukhona abantu abamnyama ababewugaqele nabo lo msebenzi.

“Indlela esibuka ngayo uguquko inokubheka izinto ngeso labantu abamnyama kuphela, siyahluleka wukufaka wonke umuntu. Ngisho noMengameli imbala uma ekhuluma, uyahluleka njengoba ekhuluma ‘ngabantu bakithi’.

“Uma ufika endaweni njengesikhulu esiphezulu indlela owenza nokhuluma ngayo, yenza abanye bajabule kodwa kukhona nabasuke bekubophela amanqina enyathi ngoba mhlawumbe bebona sengathi abanalo bona ikusasa lapha. Elinye lamaphutha ongawenza wukuqoka abantu ngoba nakhu nje befana nawe, hhayi ngoba umsebenzi ubafanele nokuzokwenza abanye babone ukuthi unendaba nabantu abamnyama kuphela. Sidinga ukuletha uguquko ngendlela ezofaka wonke umuntu,” kusho yena.

UNyati udabuka eMthatha, eMpumalanga Kapa, lapho akhuliswa khona wunina noyise nabafowabo nodadewabo abayisishiyagalolunye. Abazali bakhe babengothisha kodwa unina wagcina eyekile ukufundisa, wagxila esitolo ayesivulile.

Esitolo yilapho uNyati aqala khona ukufunda ngokuphathwa kwebhizinisi, ikakhulukazi amakhasimende.

“Ngafunda lukhulu endleleni umama ayephatha ngayo abantu ayesebenza nabo. Kwacaciswa kithina ukuthi ikusasa lethu lincike ekutheni siwaphatha kanjani amakhasimende futhi umama wayehamba phambili yena ekuwahlonipheni amakhasimende,” kukhumbula uNyati. 

Nanamhlanje uthi zimbili izinto ezimqoka kuye uma ehlanganisa umhlahlandlela wanoma ngabe iyiphi inkampani asuke eyiphethe –wukuqinisekisa ukuthi abantu abaphethe banezwi futhi bavumelekile ukwenza iziphakamiso kanjalo nokuqhakambisa nokuphatha kahle amakhasimende.

UNyati uwunjiniyela owaqeqeshwa eNatal University kanti uneMBA ayithola eWits University. Waba wunjiniyela ngenkani njengoba uyise wayefisa abe wudokotela ngemva kokuthi esezwe ngobunjiniyela, wabona ukuthi yiyona nto emfanele.

“Kumqoka ukuzazi ukuthi uwubani. Ngathi sengizwile ngezinhlobo zonjiniyela, ngakhumbula nokuthi ekhaya kunomakhenikha owayefika ezokhanda izimoto engangithanda ukuhlala naye.

“Enye into esizayo wukubheka nento othi uma uyenza, uvele ubone isikhathi sesihambile unganakile nokuthi uyasebenza ngoba iyakujabulisa. Mina kwakunjalo ngezifundo iMaths neScience kanti ngathi uma ngibuka ukuthi nakuba neBiology ngigcina ngiyiphase kahle kodwa kuyona kudingeka ngizikhandle ngokuphindaphindiwe,” kukhumbula yena.

Uthi ukuzazi ukuthi uwubani kumqoka noma usuwumholi ngoba ukwazi ukubona ukuthi yini ongakwazi ukuyenza bese uqoka abantu ozosebenzisana nabo nabawazi kangcono lowo msebenzi.

Enaba ngokuba wumholi, uthe kumqoka ukuthi abaholi bazi ukuthi abantu abasuke bebaphethe abazona izisebenzi zabo kodwa yibona njengabaholi okumele babasebenzele, babheke ukuthi bangabasiza ngani ukuze bakhule.

“Abantu obaholayo abaqashelwe ukugijimela wena, bakuhambisele izimpahla elondolo noma bakulandele izingane zakho. Sisebenzela abantu, okunye okumqoka wukukwazi ukuxhumana nokukhuluma nabantu. Awukwazi ukuba wumholi bese uthi awuthandi ukukhuluma nezintatheli,” kucebisa yena.

UNyathi uthanda ibhola, imijaho yezimoto nokudlala i-chess

Uthe enye imbangela yezinselelo ezikhona ngobuholi eNingizimu Afrika wukuphathwa ngabantu abangaqondi ukuthi umnotho namabhizinisi kusebenza kanjani nokuphathwa ngabaholi asebekhohliwe ukuthi basebenzela umphakathi. Wenze isibonelo ngokuvalwa kokudayiswa kukatshwala njengoba kubheduke iCOVID-19, nathe yisinqumo esithathwe kwangacatshangwa ukuthi zingaki ezinye izimboni ezithentakayo neziyingxenye yokukhiqizwa kotshwala.

“Sinabantu okuvele kuse sebecebile. Awukwazi ukuba yisicebi usebenzela uhulumeni ngoba iyodwa kuphela indlela yokuzuza lokho – yinkohlakalo. Bakhohliwe abantu abakuhulumeni ukuthi okwabo wukusebenzela thina, hhayi bona nemindeni yabo. Sidinga ukubakhumbuza njengamakhasimende abo ukuthi ikhasimende liyakushiya uma ungaliphathi kahle, ayikho into yeKhosi for Life, ngale kwaloko abasoze bafunda,” kusho uNyati.

Ngale kwalezi zifundo azifunda ekhaya ngesikhathi esakhula, uthi okunye okumsizayo wukuzimisela nokuba qotho emsebenzini. “Ngasheshe ngakufunda nokuthi awuliphosi ithawula ngoba nakhu into ilukhuni. Vele impilo ilikhuni. Ngifika eNatal University, kwakungelula kodwa ngazimisela ngazitshela ukuthi kumele ngizithole lezi ziqu ngalesi sikhathi engibekelwe sona seminyaka emine.”

Uthe ngisho laba bantu okuthiwa banethalente njengabaculi nabezemidlalo alibasizi ngalutho uma bengazimiseli. Ehleka kancane wenze isibonelo ngowayenguKaputeni weBafana Bafana neLeeds United wathi: “Buka kwezemidlalo, umuntu othola ukuthi akanasimanga njengoLucas Radebe… ukuzimisela kwamyisa kude ngoba ithalente lilodwa alisho lutho.”

Uthe ukuzimisela kwenza usebenzise kahle namandla onikwe wona njengomphathi nokukusiza ukuthi ugweme ukuba nobudlelwane obungalungile nosebenza nabo kanjalo namakhasimende.  

UNyati uganiwe kanti unabantwana abathathu. Eminyakeni emithathu edlule ubhale incwadi ngempilo yakhe esihloko sithi Betting on a Darkie: Lifting the corporate game, nokumanje isadayisa ubuthaphuthaphu.

UyiBhakabhaka lokuqina, uthanda imijaho yezimoto nokudlala i-chess. Uyakuthanda nokuvakashela amanye amazwe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page