UMnu uSbu Luthuli, umsunguli weMpande Property Fund

Isithombe: sithunyelwe

Unogcobo lokwenza izinto ‘ezinkulu’ lumlandele emncane ogile izimanga ekuphatheni izinkampani ezinkulu. Manje useqopha umlando omusha ngenkampani ethi yena kwenye yezimboni okuwumqansa kuyo kwabamnyama. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WAQALA isikole singakafiki isikhathi ngoba wakhalela ukuya uma ebona odadewabo bevuka beya esikoleni. Loku “kushesha” ukwenza izinto “ezinkulu” kumlandele impilo yakhe yonke njengoba ephathe nezinkampani ezinkulu esamncane.

UMnu uSbu Luthuli, umsunguli weMpande Property Fund, inkampani etshala imali ekuthuthukiseni izakhiwo ezinhlobonhlobo, usanda kuqala ukuzisebenza enkampanini ethi yena emva kweminyaka engaphezu kwewu-20 enza ezibukwayo ekuphatheni izinkampani ezihlinzeka ngemali nakwezempilo.  

Ekhumbula ukukhula kwakhe, uthi wagcina eqala isikole ngonyaka ongaphambi kwalona okwakumele angene ngawo. “Kangangokuthi ngaya ngalelo langa ngigqoke osafari abamhlophe ngoba kwathiwa ‘myekeni ahambe’ ngoba phela umfaniswano wesikole ngangingenawo. Ngafunda usuku lonke. Wayethi uthisha kimina ‘ubuye nakusasa kodwa ubuye usugqoke umfaniswano’,” kukhumbula yena ehleka.

Lolu gcobo lumlandelile njengoba kwathi eneminyaka ewu-29, waqashwa ukuthi abe wumqondisi wezimali eThala Bank, emva kokusebenza iminyaka embalwa ebhange okwakuthiwa yiBoE, lingakabi yiNedbank.

Akuphelanga sikhathi esingakanani efikile eThala kanti owayeyisikhulu esiphezulu uzosula, kwase kungena yena kuleso sikhundla.

“Ngangineminyaka ewu-31 ngaleso sikhathi ngiba yisikhulu esiphezulu seThala Bank. Kwakudingeka isibindi ngoba ngangizophatha amadoda amadala anezimpandla akade aba khona lana kodwa ngazitshela ukuthi ngizoyenza le nto,” kusho uLuthuli.

Wahlala iminyaka eyisithupha kuleli bhange abanikazi balo okuwuhulumeni waKwaZulu-Natali. Ngalesi sikhathi kwaguqulwa izinto ezimbalwa kodwa ezimqoka eThala. 

Kwaphela ukuthi amakhasimende akwazi ukuthola imali ngebhuku kuphela njengoba kwethulwa ama-ATM, kwaqala kwaba khona namagatsha ezinxanxatheleni zezitolo, njengoba ngaphambi kwalokho ayeseduze kwamarenki amatekisi kuphela futhi kwethulwa ne-internet banking. 

“Ngikhumbula ukuthi kwake kwaba nehlaya elalithi uma ufaka ikhadi lakho kwi-ATM yaseThala yayiqale ikubuze ukuthi uyolobola yini. Ushintsho alulula kodwa uma uwumholi, kumele ukwazi ukudayisela abantu isithombe abazosibona futhi babone ukuthi uma singashintshi kungenzeka kuphele ngathi.

“Kokunye abantu basuke besibona isidingo soshintsho kodwa kuwukuthi akekho ozobahola kanti nawo amakhasimende ayaqhamuka neziphakamiso. Ukuze sethule i-personal loan, sezwa ngawo amakhasimende ethu asitshela ukuthi agcina ephoqeleka ukushintsha ibhange uma efisa ukuboleka imali ngoba thina asibolekisi; manje uma eya kwelinye ibhange, lithi abathuthe umholo wabo ukuze bezobolekwa imali.”

Uthe lalikhona idlanzana elalingayizwa eyezinguquko, nathi kwakulula ukubhekana nalo. “Sihlala phansi sixoxe ngaloku esikwenzayo. Uma kuhluleka lokho, bese ngiyasho ukuthi nanti isango.”

ULuthuli wazalelwa eMlaza kodwa ukhulele naseMpangeni njengoba umndeni wakhe wathuthela khona ngesikhathi uyise eseyofundisa Ongoye. Uyi-chartered accountant, efunde oNgoye nase-UDW.

Ekusukeni kwakhe eThala ,wangena emkhakheni wezempilo. Waba wusihlalo weNaleni Pharmaceuticals, esiyaziwa ngeCipla Medpro Pharmaceuticals. Wahola le nkampani ekutheni iqale ukuhweba kwiJSE. Eshiya le nkampani yayisingeyesithathu kwezinkulu kunazo zonke eNingizimu Afrika emkhakheni wayo, ngemva kwe-Aspen Pharmacare ne-Adcock Ingram. 

Kwathi esaqala ecabanga ukuzisebenza kanti kuzovela ithuba lokuba yisikhulu esiphezulu se-Eskom Pension and Provident Fund. Kodwa kwathi zisaqala nje izingxoxo, kwacishe kwakhona okumthena amandla. 

“Ngiwumuntu waseThekwini mina manje ngathi uma ngizwa ukuthi lo msebenzi useGoli ngakhuza ngababaza futhi ngabamadolonzima; ngibona ukuthi angiyizwa kahle le nto yokuthutha. Kodwa ngathi uma ngiqala ngenza ucwaningo ngezikhwama zempesheni ngilungiselela inhlolokhono, ngahlabeka umxhwele ngabona ukuthi kukhulu engingakufunda lana nokuzongisiza ukuzilungiselela ukuyozisebenza.

“Kodwa ngoba ngangisanale nto yaseThekwini, kwathi uma ngiwuthola umsebenzi ngasayina inkontileka yeminyaka emithathu ngoba ngangithi ngizothi qu ngibuye. Uma ngifika nakhona, ngathola ukuthi kusashawa ngonyawo oludala, basele kwezobuchwepheshe ngisho nanendlela ababexhumana ngayo namakhasimende.

“Ngaqala ngathi asifake ubuchwepheshe ukuze sizokwazi ukuthi uma umuntu ethatha umhlalaphansi kuthatha isikhathi esingakanani ukuphothula yonke into, sikwazi nokumthumelela iSMS simazise ukuthi sesikuphi nezinto zakhe. Kwathi isiphelile iminyaka yami emithathu, ibhodi yangicela ukuthi angiqhubeke. Ngaphinde ngahlala iminyaka emihlanu.”

Ushiye ngo-2018 lesi sikhwama sempesheni sesikuR150 billion, ngemva kokuthatha izintambo sikuR58 billion.

Eqala ukuya enyuvesi, wafundela ukuba wuthisha kodwa kwathi ngonyaka wesibili uyise owayesengene kwezamabhizinisi, wamhlalisa phansi wambuza ukuthi uyakufuna ngempela yini ukufundisa. Wamgqugquzela ukuthi abheke umkhakha wamabhizinisi, nokuyilapho ashintsha khona, wabhalisela izifundo zeBCom. 

Uthi nanamhlanje uma ethatha izinqumo uzenza ngendlela uyise ayenza ngayo. “Ubaba wayewumuntu owayebheka izinto ngeso elibanzi, ehlale njalo ekhuluma ngokuthi kumele ube nesithombe sokuthi ufunani, ubhekephi. Uma engekho, sasithi uma simhleba sithi ‘u-vision man’.”

IMpande Property Fund itshala futhi ithuthukisa izakhiwo zokuhlala ezisenkabeni yedolobha, ezinxanxatheleni zezitolo emalokishini nasemakhaya, yilezo zokugcina impahla namahhovisi aqashwa yizinkampani.

Isihehe abatshalimali asebefake uR800 million kusukela iqalile kanti ukholwa wukuthi kuzophela lo nyaka sebehlanganise uR2 billion. Le mboni ingenye yalezo ezishayekile uma kubheduka iCOVID-19 uma kuwa izinkampani kanti ezinye zaqoma ukuthi izisebenzi zizosebenzela emakhaya unomphelo. Yize kunjalo, uLuthuli ukholwa wukuthi izinto zizoguquka njengoba sekuzoqala kugonywe abantu; nokuzosiza ukunqanda ukubhebhetheka kobhubhane.

“Sikholwa wukuthi ukusebenzela kwabantu emakhaya yinto yesikhashana ngoba akuyona into esebenzela wonke umuntu. Izinkampani sezibonile ukuthi i-data iyabiza, kunezindleko ze-printing kanti futhi emakhaya abantu abanawo ama-generator uma kuhamba ugesi. Kunezinselelo eziningi futhi akuwona wonke umuntu onehhovisi lakhe ekhaya, kukhona nezingane lana niyaphazamisana,” kusho uLuthuli.

Nakuba izinto zihlangana lapho esekhona manje futhi ekholwa wukuthi ikusasa labo liqhakazile kodwa uvumile ukuthi ushintsho esuka ekuphatheni izinkampani nokusungula eyakhe yinto engafani futhi ewumqansa njengoba kunezinto eziningi okudingeka uzenzele wena uma usuzisebenza, ikakhulukazi ngasekuqaleni; okuwukuthi emsebenzini beziqondene nabanye abantu.

Kukhona nemicikilisho yokubhalisa, uhambe uzethula ebantwini, uxoxa nabatshalimali, ukuthola ilayisensi kuthatha esako isikhathi nokungenye yezinto athe iba yingqinamba ekungeneni kwabantu abamnyama kule mboni.

“Kungithathe izinyanga eziwu-18 ngisahlanganisa nje izinto; ngaleso sikhathi akukho mali engenayo. Nginezindleko kanti akunasiqiniseko sokuthi izinto zizokwenzeka kanjani uma usukwenzile konke loku. Kodwa-ke okuhle nje engikubonayo yiloku kokukwazi ukulawula isikhathi sami ngoba sengiyakwazi ukuthi ngiphumule kahle nomndeni wami, ngingahlali ngigade ucingo; nokuyinto ebingenzeki kalula kuqala.”

ULuthuli uganiwe futhi unabantwana ababili. Uma engasebenzi, uzilungisela igceke lakwakhe njengoba ethi ukhonze ukutshala izimbali, ukubuka amafilimu kanti uthi wenza ezibukwayo ebhodweni; njengoba ethi uyamxosha umkakhe ekhishini ngempelasonto.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page