Isithukuthezi sokuvalwa kwezwe samnika umqondo webhizinisi lokwakha izindlu. Uxoxe noLUNGI LANGA

ZOLO loku ubengakwazi nokubamba isando. Kepha isifiso sokuzibona ekwazi ukuzilungisela ikhaya lakhe ngaphandle kokuqasha abantu simenze waphumelela ukusungula ibhizinisi lokwakha izindlu zamapulangwe zikanokusho.

Ukuswela imali yokuqhubeka esikoleni kwamholela ebhizinisini lokwenza umsebenzi awufundisa wunina. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUNGALITHOLI ithuba lokufunda ngemva kokuqeda uMatikuletsheni kumenze  wasebenzisa ikhono alifundiswa wunina ukuziphilisa. 

AbeSefa bebezitamuzela emalini okufanele isize amabhizinisi asafufusa. U-ANNA MAJAVU uyabika

KUNENQWABA yezisebenzi zeSmall Enterprise Finance Agency (iSefa) ezisolwa ngokuntshontsha uR30 million obekufanele uxhase osomabhizinisi abasafufusa.

Ubugebengu nemigomo kahulumeni wasekhaya kukhinyabeza osomabhizinisi abasafufusa, kusho ucwaningo. U-ANNA MAJAVU uyabika

OSOMABHIZINISI abasafufusa abasebenzela kuMasipala iRaymond Mhlaba, eMpumalanga Kapa, bathi inkinga enkulu ababhekene nayo wubugebengu nendawo yokusebenzela engaphephile.

Baqhamuke neziko lobuchwepheshe elikhulula abazali uma bethumela abantu ukubalandela izingane esikoleni. Uxoxe noKELETSO MKHWANAZI

BAYINKAMPANI esebenzela ukuqinisekisa ukuthi izingane ziphephile. I-PasswordKid inqanda ukuthunjwa kwezingane ngokuqinisekisa ukuthi zilandwa ngabagunyaziwe ezinkulisa nasezikoleni zamabanga aphansi.

Ukuswela izincwadi zezingane ezibhalwe ngezilimi zesintu kwakhuthaza omama ababili ukuthi basungule inkampani yokushicilela. U-ANNA MAJAVU uyabika

UKUSUNGULA ibhizinisi elincane elisiza umphakathi embonini yamaciko akulula kodwa kunomvuzo. Inkampani yaseGauteng eshicilela izincwadi ingakufakazela loku.

Izinkakha zosomabhizinisi zicije abalangazelela ukuba namabhizinisi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUHLONYISWE osomabhizinisi abasafufusa nabafisa ukuba namabhizinisi ngolwazi lokukhulisa amabhizinisi nokuphatha imali emcibini obuhlelwe yibandla lasemaRomeni iSacred Heart eMontclair, eThekwini, KwaZulu-Natali ngoMgqibelo.

Bancoma umsebenzi wokufukula amabhizinisi asemalokishini kodwa bayavuma ukuthi kuningi okusafanele kwenziwe, u-ANNA MAJAVU uyabika

UHULUMENI usutshale uR66 billion uxhasa amabhizinisi asemalokishini kusukela ngo-2003 usebenzisa izikhungo zawo ezihlukene, kanti amabhizinisi ahlomulile angaphezu kuka-1 000.

Banebhizinisi elivuthayo elinakekela imvelo. Omunye wabo uxoxe neNTATHELI YOMBELE

CISHE baningi abakhathazekile ngokushintsha kwesimo sezulu. Kuthiwa isizathu esinye sezizathu eziholela ekuguquguqukeni kwesimo sezulu wukuthi imvelo ayinakekelwa ngendlela efanele njengokulahla udoti ezindaweni ezingafanele.

Imali yokusiza omabhizinisi abancane ‘iphelela ezinkampanini eziyizipoki’. U-ANNA MAJAVU uyabika

UPHIKO lukahulumeni oluxhasa amabhizinisi asafufusa ngemali iSmall Enterprise Finance Agency (iSefa) enye inkampani elisebenzisana nalo kungenzeka ukuthi ibikhokhela izinkampani ezingekho imali. 

Abangani abadudana ngokusungula ibhizinisi kunokubhuquza bashaya into ecokeme ekuhlanzeni amateku, izikhwama nosofa. INTATHELI YOMBELE iyabika

INTSHA eningi eqede isikole ebhekana nengwadla yokungawutholi imisebenzi. Intsha ekholelwa kwisiqubulo esithi “uzoyithola kanjani uhleli ekhoneni?” isivame ukuziphilisa ngokuvula amabhizinisi amancane.

Onebhizinisi lempupho yesiphuzo sakudala usesabalalele nakwamanye amazwe. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABANINGI bayichaza njengempuphu yoqobo yokwenza isiphuzo se-ginger emnandi kunazo zonke eNingizimu Afrika. Inhloso yabanikazi beGinja Gemere wukusiza abantu baziqalele amabhizinisi abo ngokuthenga le mpuphu bese beyazidayisela yona. 

Iyadlondobala intokazi engazifaki izinzipho emsebenzini ukuze izibambele mathupha ‘umsebenzi wamadoda’. Manje isigabe nangamakhasimende aseMelika. INTATHELI YOMBELE iyabika

UKUSEBENZA ngezinsuku ezithile obekwenziwa ngenkathi kuhlasele i-COVID-19 kumkhuthaze ukuthi asule emsebenzini ayofeza iphupho lakhe lokuzimela.

Ukhulise ibhizinisi ngokufunda emaphutheni kayise. Uxoxe no TEBOGO MOKWENA

UNKSZ u-Annah Ngxeketo, unqume ukwenza izinto ngendlela ehlukile enkampanini yakhe yezokuthutha ngoba ngoba wabona ukuthi ibhizinisi lezokuthutha likayise alifinyelelanga lapho kwakufanele ngabe lafinyelela khona.

Sebenamakhasimende amakhulu abanenkampani yefenisha. Omunye wabo uxoxe noZusiphe Didi

UQALE ukuba nentshisekelo yamabhizinisi kusukela emncane njengoba ayedayisa amadumbe ukuze abe nemali azoyiphatha esikoleni. Lukhulile lolu thando njengoba lugcine lumholela ekutheni avule ibhizinisi ekhiqiza ifenisha. 

Ukubanhlakanhlaka kwabasiza osomabhizinisi abancane kwenza kubenzima ukuthi basizakale, kusho umelekeleli. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNGABASIZA osomabhizinisi abancane ukuthi zonke izinhlangano nezinhlaka ezizama ukubasiza zibambisane ukuze usizo lutholakale endaweni eyodwa ukwenzela ukuthi kube lula ukuthi lutholakale esikhundleni sokuthi balufune ezindaweni ezihlukene. 

Selufike qathatha uhlelo oluzophendula amatafula ekuphatheni ama-tuckshop emalokishini nasemakhaya. UTEBOGO MOKWENA uyabika

INHLANGANO yamabhizinisi amancane asemalokishini nasemaphandleni i-eKasi Entrepreneurs izokwethula umkhankaso ozokwenza izakhamuzi zakulezi zindawo zikwazi ukuba ngabanikazi, ziqashise futhi ziphathe izitolo ezincane ngisho zingekho khona siqu.

Osomabhizinisi abasafufusa abazihluphe ngezinto ezenzeka kwipolitiki: izingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE osomabhizinisi abancane bazihluphe ngokuqonda ipoliltiki nesimo somnotho ukuze babone amathuba akhona futhi baqhamuke nezisombululo zokuxazulula izingqinamba ezingahle zibakhinyabeze. 

Izintokazi ezincane ezinebhizinisi lokucwala zivule ngomklomelo ozobeka ibhizinisi kwelinye izinga. Omunye wazo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

BAQALE ibhizinisi labo ngonyaka odlule benamaphupho amakhulu okukhula. Amaphupho lawo abawabona esezofezeka njengoba besanda kudla umhlanganiso emklomelweni wosomabhizinisi abasafufusa ahlelwa yihhovisi likaMengameli iPresidential SMME Awards.

Ubuchwepheshe bungavulela abasafufusa iminyango eminingi. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZINKAMPANI ezisafufusa zisala ngaphandle uma kukhulunywa ngezinto ezihlose ukuthuthukisa zona kanti abantu bezinkampani ezinkulu bayathanda ukuzikhulumela, okuyinto engalungile.

Kuklonyeliswe amaqhawe ezobuchwepheshe ngokuqamba izinto ezintsha nokuphucula impilo yabantu e-Afrika kwezokuxhumana. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUKLONYELISWE osomabhizini bezobuchwepheshe kuma-15th Africa Tech Festival Awards, ngoLwesithathu eCape Town International Convention Centre eNtshonalanga Kapa ngoLwesithathu, usuku lwesibili lwale ngqungquthela esineminyaka ewu-25.

Bavulela abantu abamnyama iminyango abanenkampani eqeqesha abashayeli bamabhanoyi. INTATHELI YOMBELE iyabika

NGENKATHI uNkk uLiana Mongetane-Petersen engena endimeni yamabhanoyi, wafica kugcwele amadoda abelungu. Loku akumthenanga amandla njengoba akhetha ukuba nento azozihlukanisa ngayo ngokungagcini ngokuba Wumshayeli wamabhanoyi kuphela kodwa ngokuphinde abewumqeqeshi kule mboni.

Othanda ukuzilawula, abantu besifazane nokuqoqa intsha wenza ifenisha yasendlini ngezinto ezilahliwe. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUTHANDA ukuba yisosha elizikhuzayo, ivuso lokuqasha abantu besifazane nokunqanda intsha yangakubo ukuthi ingangeni ezintweni ezibhedayo kwenza ukuthi asungule inkampani ekhiqiza ifenisha ngokuvuselela amathayi amadala namapulangwe.

Iciko elisebenzisa izihlahla ezingewona umsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika lifukula umphakathi, lethule uhulumeni umthwalo emahlombe. Lixoxe noSANDILE GWALA

UYICIKO elikholelwa wukuthi kubalulekile ukuvuselela impahla ebisithathwa njengemfucuza bese isetshenziswe kabusha. Uthi ukwenza loku kungalondoloza imvelo kuhlomule izizukulwane ezizayo.

Oqale ecija ngokunakekela impilo ugcine engene ekukhiqizeni ukudla okunqanda izifo ezingamahlalakhona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UPHOKOPHELE ukulwa nezifo ezingamahlalakhona, ikakhulukazi esikashukela. Le ntshisekelo imenze waqala ukufundisa ngokunakekela impilo kodwa ngokuhamba kwesikhathi wanquma ukufaka isandla ekusizeni abantu ukuthi bazinqande ngokukhiqiza ukudla okuzosiza ukwenza loku.

Abasafufusa babonga ithuba lokukhangisa nokuthola amakhasimende amasha. UNQOBILE NDLOVU noSANDILE GWALA bayabika

OSOMABHIZINISI besifazane bathole ithuba elingandele bani lokukhangisa ngemikhiqizo kwi-African Women in Leadership International Conference (i-AWLO) eRadisson Blu Hotel eMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali, ngesonto elidlule.

Ibonga iyanconcoza intsha ecijwe embukisweni wosomabhizinisi. Enye yayo ixoxe noNQOBILE NDLOVU

INTSHA engosomabhizinisi nefisa ukuba namabhizinisi ayiwuvali umlomo ngosizo eluthole embukisweni wosomabhizinisi obuhlelwe yiKhomishana yokuNcintisana iYouth in Business Exhibition eTshwane, eGauteng.

Wenza ezibukwayo onebhizinisi elingajwayelekile kwabesifazane. Uxoxe noTEBOGO MOKWENZA

NGESIKHATHI uNksz uMolebogeng Pitso eqala ukwenza umsebenzi wokuba wumbazi wayezifunela imadlana azozijabulisa ngayo ngamaholidi kaKhisimuzi. Nokho kwathi emva kokukhulelwa wase ebawumama wagcina enqume ukuzinikela kulo msebenzi osumakhele igama entsheni yesifazane elokishini langakubo.

Yize sekwashaywa umthetho okufanele ngabe usiza abadayisi bezindlu abasafufusa kodwa bathi basathwele kanzima. UTEBOGO MOKWENA uyabika

SEKUPHELE uhhafu wonyaka seloku kuqale ukusebenza komthetho i-Property Practitioners Act kodwa lo mkhakha usaxakwe yizinkinga ezinjengokugqoza koshintsho ukuze abantu abamnyama bathole amathuba, ubandlululo futhi kuselikhuni ukuthola amakhasimende.

Abasafufusa banxusa ukuthi kufundiswe kabanzi ngosuku olubungaza osomabhizinisi. Baxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABANIKAZI bamabhizinisi asafufusa bathi kufanele yande imikhankaso yokufundisa abantu ngosuku olubungaza osomabhizinisi iWorld Entrepreneurs’ Day. Lolu suku lungomhla ka-21 Agasti kodwa abantu abaningi eNingizimu Afrika nabanye osomabhizinisi bebengazi ukuthi lukhona usuku olumqoka kangaka.

Ungenisile embonini yezokungcebeleka ogxile kwezamafiliimu. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUSEBENZA embonini yokungcebeleka yinto ayithanda kusukela esafunda isikole kangangokuthi ngisho uma ayesuke ezama ukwenza ezinye izinto okungekona ukuzisebenza wayengabi nomdlandla ofanayo naba nawo uma ezisebenza. Yingakho ethe ngisho eseqede isikole akangakapholisa maseko wasungulai ibhizinisi.

Usaloku eyibambile owaphuma esikoleni esewusomabhizinisi njengoba esenezikhondlakhondla zamakhasimende. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISIFISO sokuba nebhizinisi yimbewu eyatshaleka esaqeqeshelwa umsebenzi. Kwadingeka ukuthi benze ucwaningo ngokudingekayo uma umuntu ezoqala ibhizinisi olwaluyingxenye yezifundo ze-Business Management Diploma eDurban Institute of Technology, esibizwa ngeDurban University of Technology.

Ungene kwazwakala embonini yezokukhangisa ongazibekile phansi nangamakhasimende amakhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UWUMUNTU othi uma esebonile ukuthi akwenzayo akumsebenzeli bese eyasukuma athathe izinyathelo zokukushintsha ukuze ezothola umphumela awufisayo. Yiwona lowo mqondo omgqumgquzele ukuthi asungule ibhizinisi elingelinye lalawo asefike kwezakala embonini akuyona.

Umashayandawonye nothando lokuba yivulandlela kumenze waqala ibhizinisi endimeni okungelula ukungena kuyona. Uxoxe noSANDILE GWALA

UTHANDO lwesikhumba nokunakekela abantu lumenza washiya phakathi izifundo zesayensi ayezenza e-University of KwaZulu-N wakhetha ukuyokwenza ezokunakekela isikhumba nempilo i-somatology ngoba ekholwa wukuthi udalelwe ukusiza abantu ngazo.

Uxosha ikati eziko ngobuciko obungajwayelekile oseneminyaka eyibambile. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UNEMINYAKA engaphezu kwewu-20 eyiciko kodwa uzizwa sengathi uhambo lwakhe yima lusanda kuqala. Uzibona ehlukile kwamanye amaciko ngoba ucabanga ngendlela ehlukile futhi ibhizinisi lakhe liwubufakazi bale ndlela engajwayelekile enza izinto ngayo nemenza ahlale eqhamuka namasu amasha.

Uyadlondlobala ebhizinisini ocoshe ikhono lokubaza ngokuvakashela endaweni eyakha amabhokisi omngcwabo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

NGESIKHATHI ezichithela isizungu nekhehla lasendaweni elalinebhizinisi lokungcwaba wayenganakile ukuthi kuzomholela ebhizinisini. Leli bhizinisi lakhe lokubaza selizale elinye njengoba esengene shi nakwezolimo kanti nakhona izinto zihamba kahle kangangokuthi ubona sizofezeka isifiso sakhe sokuthatha umhlalaphansi lapho eqashwe khona ngokugcwele engakabi neminyaka ewu-50.

Ukuzifela kwakhe ngomuntuza kumholele ebhizinisini lezingane elihlukile. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UDUME ngokuthanda izingane emndenini wakhe kangangokuthi ngisho kunomcimbi kubo uyaziwa ukuthi yena unakekela izingane. Bathi abanye bezikhathaza ngokuthi konke kumi ngomumo yini ngomcimbi, yena usuke ebuza ukuthi izingane zihlinzekelwe ngakho konke yini ezizokudinga njengokudla, indawo yokulala nokunye.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page