Owacijwa wuninalume owusolwazi ufukula umphakathi ngebhizinisi lomsebenzi wobumba. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA
UMNU uShane Manyongo wafundiswa wuninalume ukwenza imisebenzi yobumba, wabe esenquma ukudlulisa leli khono ngokuvula amathuba omsebenzi.
Ngenkampani yakhe iSne and Dusis Ceramics, ufundisa abantu ukubumba kanti uqeqesha abantu abaphakathi kuka-10 no-20 abangasebenzi njalo ngonyaka.
UManyongo uthi waqala ukwazi ngemisebenzi yobumba ngenkathi efunda eKapa ehlala nonimalume ongasekho emhlabeni owayewusolwazi e-University of Cape Town.
Uninamalume owayenemishini yalo msebenzi wafundisa uManyongo ukwenza izinto ezakhiwe ngobumba. UManyongo ubuyele lapho ezalwa khona e-Upington, eNorthern Cape, lapho efike khona waba yingxenye ye-learnership programme kwi-clay pottery. Usungule ibhizinisi lakhe ngo-2016, wabe eseqala ukudayisa umsebenzi wakhe ezindaweni ezidayisa ubuciko ezweni nakwamanye amazwe.
Nokho uManyongo ubengafuni nje ukuba nebhizinisi eliphumelele kuphela, ukudlulisela ikhono lakhe emphakathini nakho bekubalulekile kuyena. Ngokusebenzisana nePhaphama Community Craft Project, abantu abahlala e-Upington baqeqeshwa amasonto amabili. “Inhloso wukunika ithuba amalungu omphakathi okungabesifazane, intsha, abantu abaphila ngokukhubazeka nabantu abathandana nabantu bobulili obufanayo,” kusho yena.

“Sikhetha abantu abambalwa sibaqeqeshe ukwenza lobu buciko. Sibe sesisebenzisana nezinhlaka ezithile nezinkampani ukubaqeqesha ukuthi baqale amabhizinisi abo.
“Siphinde sibaxhumanise nezinhlangano ezifana neSmall Enterprise Development Agency, ebasiza bathole kwiNational Youth Development Agency, namanye amabhizinisi.”
UManyongo uqale umsebenzi wakhe ngo-2017 ngoba ibiningi intsha engasebenzi nasebebadala ukuthi bangathathwa futhi bengawatholi amathuba afana nawentsha.
UManyongo nethimba lezisebenzi zakhe eziyisikhombisa bakholwa wukuthi kubalulekile ukufundisa la makhono ngoba ababaningi emphakathini wabo abamandla esikoleni kodwa abakwaziyo ukufunda amakhono. “Leli yithuba labo lokuthi bagqame futhi kube khona abaziphilisa ngakho.”
Inhloso kaManyongo wukuthi lo msebenzi awenze nakwezinye izindawo ezweni futhi uzimisele ukusungula enye inhlangano ezokwenza loku ezindaweni zasemakhaya eNorthern Cape ukuze ezohamba isifunda ngesifunda enza lo msebenzi.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutitivibusiness.co.za