Umnikazi we-Untum Recycling yaseBuffelspruit, eMpumalanga, uNksz u-Ennie Ndhlovu. Izithombe: Zithunyelwe

Onentshisekelo yokufukula umphakathi wakubo unebhizinisi elisiza intsha yonge imvelo. Uxoxe noSIZAKELE NDULI

AKAWUVALI umlomo uNksz u-Ennie Ndhlovu ngeMpumalanga Youth Development Fund emsize ebhizinisi lakhe lokuguqula imfucuza i-Untum Recycling. 

Le nkampani esivulele intsha amathuba omsebenzi eBuffelspruit, eMpumalamga, iqashe abantu abayisithupha. UNks uNdhlovu uxhaswe ngoR350 000.

Uthi: “Sakwazi ukuthenga isikali, isigadla, ubhaskidi nesigayo. Abantu abaqoqa udoti bayaziphilisa ngokuqoqa udoti emgwaqweni kanti bayasizakala nge-Untum Recycling. 

“Okunye okumqoka wukuthi umsebenzi wethu ubamba iqhaza elimqoka ekunciphiseni umonakalo kwimvelo.”

Ngokusho komNyango wezeMvelo, amaHlathi nokuDoba, imboni yokuguqula imfucuza eNingizimu Afrika iqashe abantu abawu-84 000. Iningi lalaba bantu yilabo abakwi-informal sector futhi ngabantu abanamabhizinisi asafufusa. Uma kwanda abatshalimali kule mboni, singanda isibalo semisebenzi engavuleka.

“Ukuguqula imfucuza kuyasiza ngoba kusivumela ukuthi songe imvelo. Sinciphisa ukukhiqiza umoya ongcolile futhi siqinisekisa nokuthi izindawo zemiphakathi yethu zivikelekile,” kusho uNksz uNdhlovu. 

Plastic and cardboard garbage for recycling
Enye imfucuza esazohlukaniswa ngaphambi kokuguqulwa e-Untum Recycling

Esinye sezisebenzi zakhe uMnu uSbusiso Ngomane sithe: “Ngiyabonga kwiMpumalanga Youth Development Fund nondunankulu ngokuqala lolu hlelo ngoba manje sengiqashwe ngokugcwele futhi sengiyakwazi ukondla umama nengane yami.” 

Inhloso kaNksz uNdhlovu wukukhulisa inkampani ukuze andise isibalo sentsha ayiqashile ngakubo. Naye usibongile lesi sikhwama ngokufaka isandla ekukhuliseni ibhizinisi lakhe. 

Uthe: “Ngifisa ukubonga uNdunankulu uNkk uRefilwe Mtsweni-Tsipane ngaleli thuba elihle kangaka (asinike lona) siyintsha yaseMpumalanga. Sikubheke ngabomvu ukuthola amanye amathuba azosisiza siphucule umphakathi wethu ukuze silwe nobubha nokuntuleka kwemisebenzi.” 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page