I-World Entrepreneurs’ Day wusuku olumqoka kwezomnotho emhlabeni. Nokho osomabhizinisi abasafufusa baseNingizimu Afrika bakhala ngokuthi akwenele okwenziwa wuhulumeni ngalolu suku

Izithombe: wuGoogle nesithunyelwe

Abasafufusa banxusa ukuthi kufundiswe kabanzi ngosuku olubungaza osomabhizinisi. Baxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABANIKAZI bamabhizinisi asafufusa bathi kufanele yande imikhankaso yokufundisa abantu ngosuku lokubungaza osomabhizinisi iWorld Entrepreneurs’ Day. Lolu suku lungomhla ka-21 Agasti kodwa abantu abaningi eNingizimu Afrika nabanye osomabhizinisi bebengazi ukuthi lukhona usuku olumqoka kangaka.

Osomabhizinisi bathi abantu kusamele baziswe ngalolu suku, nosomabhizinisi asebemnkantshubomvu kumele belusebenzise lolu suku ukucobelela abasafufusa ngolwazi namava abo.

I-Vutivi News ixoxe nosomabhizinisi ababili ngeWorld Entrepreneurs’ Day. Bobabili bathe bakholwa wukuthi lolu suku kumele lugujwe njengamanye amaholidi afana noSuku lwamaGugu.

UMnu u-Ikaneng Khunoana, we-Ellen Rose Flowers and Gifts eTshwane, eGauteng, nomlingani wakhe uNksz uLesego Lesetedi, uthi ukujabulela usuku olunje kusho ukuthakasela inkululeko ehambisana nokuba nebhizinisi. “Kimina ukuba nebhizinisi kusho ukukhululeka nokuzilawulela impilo yami, izinqumo engizenzayo ngekusasa lami nokushintsha izimpilo zabaningi. Ngikholwa wukuthi lolu suku kumele lube ngelokujabulela izindaba ezixoxwa wosomabhazinisi ngamabhizinisi abo.

“Osomabhizinisi, izikhulu eziphezulu nabanikazi bezinkampani ezinkulu bangasebenzisa lolu suku ukufundisa osomabhizinisi abasafufusa, baxhumane nabo futhi babacathulise ngalolu suku,” kusho yena.

UKhunoana noNksz Lesetedi be-Ellen Rose Flowers and Gifts

UMnu u-Alwin Makhale, umlimi weMoringa eThohoyandou, eLimpopo, uthi kudingeka umkhankaso ozokwenzeka ezweni lonke ufundisa abantu ngalolu suku.

Uthi naye ubengazi ngalolu suku. “Akujwayelekile ukuthi sinikwe ithuba singosomabhizinisi lokuhlala phansi sibuke esikwenza emiphakathini nasemikhakheni yethu. Ngalolu suku osomabhizinisi bangabuka izinto ezithinta amabhizinisi, babenemibukiso yokuhweba, bahlangane nabanye osomabhizinisi, abadala bafundise abantu abasha ngebhizinisi. Ngikholwa wukuthi kungabanika isibindi futhi kunganika osomabhizinisi indlela yokucobelelana ngolwazi lwabo.”

UMnu uMakhale we-AA Moringa nelinye lamakhasimende akhe

UMakhale, ocathulisa abalimi abasafufusa nowunobhala weMoringa Development Association of South Africa, uthi uyabuqonda ubunzima bokuphatha ibhizinisi ungenalwazi.

“Kwakunzima kimina ukuqala ibhizinisi ngoba wayengekho owayenginika ulwazi. Uhulumeni kumele uthole izindlela zokuxoxa ngokubaluleka kwalolu suku, kukhuthazwe osomabhizinisi ukuthi bangaphosi ithawula uma kuba nzima endleleni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page