Inhloko ye-Ekasi Entrepreneurs uMnu uMbongeni Sangweni uthi bafuna izitolo ezincane zasemalokishini nezasemakhaya ziphathwe ngendlela ehlelekile Isithombe: Sithunyelwe

Selufike qathatha uhlelo oluzophendula amatafula ekuphatheni ama-tuckshop emalokishini nasemakhaya. UTEBOGO MOKWENA uyabika

INHLANGANO yamabhizinisi amancane asemalokishini nasemaphandleni i-eKasi Entrepreneurs izokwethula umkhankaso ozokwenza izakhamuzi zakulezi zindawo zikwazi ukuba ngabanikazi, ziqashise futhi ziphathe izitolo ezincane ngisho zingekho khona siqu.

Lolu hlelo kuhlelwe ukuthi lwethulwe ekupheleni kwenyanga (uMashi) kanti kuhloswe ngalo ukukhuthaza abantu basemalokishini ukuthi babe ngabanikazi bezinto ezithinta umnotho. Ngokwenhloko yamaSpaza Shop ye-eKasi Entrepreneurs uMnu uMbongeni Sangweni, lolu hlelo lubizwa ngeSpaza Shops Stokvel kanti luzokwethulwa futhi lubesenkundleni evelele iStokfella yeKasi Entrepreneurs.

USangweni uthi iSpaza Shop Stokvel isizoxazulula izinkinga izitolo eziningi ezibhekene nazo njengokuthenga umthamo omningi nokufinyelela ezimakethe. Kuzoba khona iRent a Spaza, iSpaza Shop Tool neSpaza Shop Bulk Buying. Ngalesi sitok’fela, amalungu azokwazi ukufaka imali bese evula noma abenesitolo esincane, esizophathwa yiStokvel. 

I-Rent-A-Spaza izokwenza istok’fela sikwazi ukwakha, ukunwetsha, ukwandisa ama-container, ukuwabhala nokwenza izivumelwano zokuqasha indawo nesistokwe sokuqala. NgeSpaza Shop Bulk Buying sakhe, istok’fela sithenga istokwe esiwumthamo omningi kanti loku kwenza kongeke ezindlekweni zokuthutha njengoba abadayisa istokwe bezithutha mahhala. 

USangweni uthe izindleko zokuqala ibhizinisi ziphezulu kakhulu kubantu abaningi ukuthi bangakwazi ukuzenzela. “Siyaqonda ukuthi izindleko zokuqala ibhizinisi ziphezulu kakhulu nokuthi osomabhizinisi bafuna ukudayisa nokungakhokhi imali eningi yokuqala, okuyimbangela yokuwa kwamabhizinisi amaningi ngonyaka wokuqala,” kusho yena. USangweni uthi le ndlela yenza uhlelo olubanzi lwebhizinisi losomabhizinisi futhi lukhulise umnotho wendawo. 

Lesi stok’fela sigqugquzela ukuthengwa kwemikhiqizo yaseNingizimu Afrika nokuqinisekisa ukuthi lezi zimpahla zinikwa indawo emashalofini nokuthi abanikazi bezitolo balekelelwa ngokukhangisa nokuhambisana nomthetho. 

“Siyi-eKasi Entrepreneurs senze ucwaningo, sahlanganisa izinhlelo nezinqubo, sasungula futhi saphatha izitolo zethu ezincane kanti sikwazi ukusuka nokuhlala ukwenza nezidingo zemiphakathi yakithi ehlukene,” kusho uSangweni. 

USangweni unezitolo eziyisishiyagalombili ezibhekwe ngabantu bendawo neziqashe abantu abawu-14. Baqeqeshiwe ukuthi istolo esincane siphathwa kanjani. NgokweSavings and Investment Monitor yase-Old Mutual, izitok’fela ziyimboni kaR45 billion kanti kulinganiswa ukuthi zevile ku800 000. Ngokwe-Old Mutual, kuthiwa amalungu ezitok’fela onga uR1 214 ngenyanga ngo-2022.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page