Ubuye ngamandla oke wahlaba ikhefu ebhizinisi emva kokubhimba kohlelo. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UMSIKI wengqephu waseDe Aar, eNorthern Cape, uNksz uFundiswa Gxoyiya kudingeke athi khumu kancane ebhizinisini lakhe ukuze aqonde kahle izifundo okwakufanele azifunde ngaphambi kokubuya nomfutho omusha.
UNksz uGxoyiya uphathe inkampani yakhe ethunga izingubo zokugqoka nefenisha, iBlackFura kusukela iqala ngo-2008 kwaze kwaba wu-2013 ngesikhathi ethwala kanzima ngenxa yengcindezi.
Exoxa neVutivi, uNksz uGxoyiya uthi waqala iBlackFura emva kokuthweswa i-National Diploma in Clothing Management eCape Peninsula University of Technology ngo-2007. “Ngesikhathi ngisesikhungweni semfundo ephakeme, ngaqala ngafundela i-Retail Business Management ngonyaka wokuqala kodwa ngabona ukuthi ngiwumuntu oyiciko nothanda ukusebenza ngezandla. Ngakho ngonyaka olandelayo ngabhalisela i-Clothing Management. Ngibusisekile ukuthi umndeni wami uyangeseka kusukela ngiqala kuze kube yimanje.”

UNksz uGxoyiya uthi emva kweminyaka eqale ibhizinisi lakhe waphoqeleka ukuthi ame ngenxa yokushoda kwamathuba okuzikhangisa eDe Aar. Kukhona namanye amaphutha awenza. “Ngangingayiphathi kahle imali futhi ngangiyisebenzisela noma yini ngoba yayikhona. Ngangingawuhloniphi umsebenzi wami ngokuthi ngangibiza imali engaphansi kwekufanele ngabe ngiyayibiza futhi ngangivumela amakhasimende ukuthi angakhokhi ngesikhathi, nokwakwenza izinto zibe zimbi kakhulu uma engasangikhokheli nhlobo.”
Wanquma ukusivala isitolo. “Ngatshela abazali bami ukuthi ngiphatheke kabi nokuthi angiyena umuntu ofanele ukuqashwa ngisebenzele omunye umuntu. Abazali bami bangeseka,” kukhumbula yena.

UNksz uGxoyiya usevuke wazithatha njengoba ibhizinisi lakhe selisebenza futhi eDe Aar, lapho eseshaya ngonyawo oluhlukile njengoba esegxile ngempela ebhizinisini.
I-BlackFura igxile ezingutsheni zesintu, ezomshado nefenisha. UNksz uGxoyiya usenamakhasimende nangaphandle kwaseNorthern Cape kanti uqashe izisebenzi ezinhlanu.
Lo msiki wengqephu uthi enye into emkhuthazile wukuya kwiTrade Africa Exhibition eThekwini, KwaZulu-Natali, ngonyaka odlule lapho abona khona amathuba akwamanye amazwe.
“Ngenxa yalowo mbukiso, sengibheke ukudayisela amanye amazwe kanti njengamanje ngimatasa nezinhlelo zokuthola isitifiketi sokukwazi ukudayisela amanye amazwe. Ngifisa ukuzibona ngivula amagatsha kwamanye amazwe e-Afrika eminyakeni embalwa ezayo ngaphambi kokuya phesheya,” kusho yena ngezinhlelo ngekusasa.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivinebusiness.co.za
- Facebook: BlackFura Creations

