Uthando lobuciko namasiko luzale ibhizinisi akade afisa ukuliqala. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
NJENGENINGI labantu abaphothula izifundo zomkhakha abawufundele, naye uqede ukucijelwa i-public relations wagxila emsebenzini awuqeqeshelwe ukuze abeke isinkwa etafuleni.
Yize konke kwakuhamba kahle ezinkampanini ayesebenze kuzona, wayehlale efisa ukuqala ibhizinisi elizoba yifa laphakade kuyena nesizukulwane sakhe.
UNkk uThathakahle Mkhabela wamfikela kanjalo khona umqondo wokuqala i-Ululate Psalms (i-UP) Creations, inkampani eyenza imiqamelo, izindwangu zamatafula, amaphinifa, izikhafu, amasokisi nokunye okuhluke ngokuhloba ngemibala eqhakambisa isintu nobu-Afrika.
UNkk uMkhabela, odabuka eChesterville, eThekwini, KwaZulu-Natali, kodwa osehlala eNanda, lapho aganele khona, uthi yize engakwazi ukuthunga nokwenza le mikhiqizo kodwa uthole indlela yokwenza ibhizinisi lakhe lisebenze.

Uthi: “Ngiqale i-UP Creations ngoFebhuwari wonyaka odlule ngithenga izindwangu ezahlukene bese ngithola abantu abazongisiza ngokuthunga nokuhlanganisa yonke into, umkhiqizo ubuye kimi usulungele ukudayiswa.”
UNkk uMkhabela uthi isikole siyawenza umehluko endleleni umuntu aphatha ngayo ibhizinisi lakhe. Ugabe nge-National Diploma in Public Relations yase-Anchorlite Business College, i-Office Management yase-University of South Africa, i-Post-Graduate Diploma in Business Management yaseMancosa ne-Compliance Management yase-University of Johannesburg.
Eqala ubenamakhasimende amaningi eThekwini namaphethelo kuphela, kwathi ngemva kokuya kwi-Africa’s Travel Indaba yalo nyaka, wathola namanye aseGauteng, nawaseMpumalanga.
“Loko (ukuthola amakhasimende akwezinye izifundazwe) kwangijabulisa kakhulu ngoba bengivele ngifisa ukufinyelela kubantu bakwezinye izifundazwe ngomsebenzi engiwenzayo. Kwangikhuthaza ukuqhubeka ikakhulu ngoba ngisebenza ngedwa ebhizinisini ngenxa yokuthi angikakwazi ukuqasha abantu abazongilekelela,” kusho yena.
Imikhiqizo ye-UP Creations ibiza uR70 kuya kuR1 100 kanti kuthatha amaviki amane kuya kwayisithupha ukuqeda umsebenzi.

Nakuba ibhizinisi lihamba kahle, kodwa uNkk uMkhabela uthi zikhona izimo ezenza kungasebenzeki kahle.
Uthi: “Abantu abaningi abakayiqondi indlela esisebenza ngayo yobuchwepheshe besimanje. Basakholelwa ekuthengeni ezitolo abazaziyo, okwenza umsebenzi ungabi lula kwesinye isikhathi nokuthi njengoba ngilekelelwa ngabantu abangithungelayo, kuyenzeka bangawuqedi ngesikhathi umsebenzi. Yingakho ngihlela ukuthenga umshini wokuthunga ukuze ngigcine sengizenzela yonke into ekhaya.”
- Facebook: UP Creations Pty Ltd
- Instagram: upcreationsptyltd