Uvulwe amehlo yibhizinisi lakhe lokuqala osenebhizinisi elincintisana nadume umhlaba wonke. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

INSELELO ayebhekana nayo ebhizinisini aqala ngalo yiyona emkhuthazile ukuthi aqhamuke nomqondo webhizinisi lesibili okumanje likhula ngamandla futhi ancintisana kulona nezinkampani zakwamanye amazwe.
UMnu uKgothatso Ntsoane, umsunguli weStayy, inkampani yobuchwepheshe esiza abantu ukuthi bathole izindawo zokulala uma bevakashile, uwumuntu ohlale esemgwaqweni ngenxa yomsebenzi wakhe wokushutha izithombe nokuqopha ama-video emishado, aneminyaka eyisikhombisa ewenza.
Uthi ekuhambeni kwakhe nethimba asebenza nalo benqamula izinkalo kwesinye isikhathi bebehlupheka uma bedinga indawo yokuphumula isikhashanya noma kokunye bedinga nje indawo yokugeza bashintshe bese beqhubeka nohambo.
“Kwesinye isikhathi besiphumula egaraji, nokungeyona into ephephile. Kokunye uthole ukuthi kuyashisa ufuna nje ukugeza, ushintshe bese uqhubeka nohambo. Kepha bekungelula ukuthola indawo ongayisebenzisa ihora elilodwa, ungifikele kanjalo-ke umqondo wokusungula iziko elizosiza abantu ukuthi bathole izindawo kalula, kusukela kumuntu ofuna indawo azoyisebenzisa ihora, usuku noma isonto lonke,” kulanda yena.
UNtsoane uthi uqale iStayy ngokubambisana nomunye umngani wakhe ngesikhathi seCOVID-19, kwazise nemicimbi yayivaliwe, leli elinye ibhizinisi lingasebenzi. Seloku beqalile kunezindawo eziwu-52 abantu abangazibhuka kanti sezike zaqashwa kawu-180. Indawo yabo eshibhile iwuR250 ubusuku obubodwa kanti ebiza kakhulu iwuR10 200 ubusuku obubodwa kanti ilala abantu abawu-10.
UNtsoane, odabuka eLimpopo, wenze iziqu ze-Mathematical Science, asalelwe yizifundo ezimbili ukuthi aziphothule. Uqashe abantu abathathu.
“Into esisizayo wukuthi siyinkampani yaseNingizimu Afrika eyiqondayo indlela abantu baseNingizimu Afrika abathanda ukuphathwa ngayo nabaphathana ngayo. Sibhekelela abantu abanezidingo ezihlukene. Aziziningi izinkampani ezifana nathi futhi okungezabantu abamnyama.”
Nakuba iStayy sisafufusa kodwa isixhaswe wuhlelo lokuthuthukisa amabhizinisi amancane olwenziwa yiBusiness Leadership South Africa ngokubambisana ne-USAID ohlelweni olwenziwa yi-22 on Sloane. “Lolu hlelo selusizile ngokuhlela kahle izinto ebhizinisini, safunda ukuthi kukhulunywa kanjani nabatshalimali futhi bengingazi ukuthi kusho ukuthini ukuhlola ubuchwepheshe ukuze bulungele ukusetshenziswa ngabantu.
“Kukhona abasicathulisayo, nokusizayo ngoba ukuzisebenza kunzima futhi kwesinye isikhathi umdlandla usuke ungenawo kodwa kukhona abantu ongakhuluma nabo. Kukhona umuntu owasisiza ukuthi siqonde umshwalense namatemu akhona njengoba bekudingeka sibe nomshwalense ozobhekelela lezi zindawo esizisebenzisayo,” kusho uNtsoane.
UNtsoane uthi okumjabulisa kakhulu wukukwazi ukusiza abantu, ikakhulukazi labazithola sebehlwelwe kodwa bathi uma befika kuStayy basizakale ngokuthola indawo ephephile nehlanzekile abangalala kuyona.
Njengoba enye yezinkampani abancintisana nayo kuyi-Airbnb, uthi uyathemba ukuthi kancane kancane bazogcina sekuyilona ziko abantu abaziyo ukuthi bangalithemba uma bebheka izindawo zokulala noma ngabe yikuphi e-Afrika.

