UNksz uLondeka Dlamini, umsunguli we-Izinga Creatives, ezinze eThekwini, KwaZulu-Natali Izithombe: Zithunyelwe

Liyanyuka iZinga lowenkampani owakhuthazwa wumdlalo wethelevishini ukuqala ibhizinisi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WAYEKHONZE ukudweba nokubhala ezihlanganisela amaphephabhuku kangangokuthi wake wenza nemidwebo ngezindaba ayezifunde eBhayibheleni. Kwaba wumdlalo wethelevishini, iGenerations, owamenza wakwazi ukubona kahle ukuthi zonke lezi zinto azithandayo angazihlanganisa kanjani ukuziphilisa. 

Eminyakeni eyisithupha edlule lifezekile iphupho likaNksz uLondeka Dlamini, umsunguli nesikhulu esiphezulu se-Izinga Creatives yaseThekwini, KwaZulu-Natali. Le nkampani isiza ezinye izinkampani zikwazi ukuzikhangisa ngezindlela ezihlukene; okungaba ngokubhala, ezinkundleni zokuxhumana ngokusebenzisa imidwebo nobunye ubuciko. 

Uthi: “Ngangifunda u-Grade 5 ngibuka iGenerations ngibona eNew Horizons nase-Ezweni Communications futhi ngizibona ngiwu-Archie Moroka noKarabo. Yayingichaza into engangiyibuka ngibona behlanganisa bekhuluma ngo-La Chocolate kuze kufike lapho bethola umsebenzi khona. 

“Mhlawumbe nganginezinto eziwu-20 engangizicabanga ngenkathi ngifunda uMatikuletsheni ukuthi zingaba ngamabhizinisi amahle kodwa ngangingazi ukuthi kuqalwa kuphi ukubhalisa inkampani; ngisho usuyabhalisile ukuthi wenzenjani. 

“Ngenhlanhla ngathola ithuba lokusebenza kwenye i-agency ngazitshela ukuthi ngizohlala kuyo iminyaka emibili ukuze ngibone ukuthi kunjani ukusebenza khona,” kukhumbula yena.  

Izinga Creatives iqashe abantu abawu-10, abayisithupha abasebenza ngokugcwele nabane abayitoho. 

Izinga Creatives wukugqamisa ezinye izinkampani

UNksz uDlamini uthi isifiso sakhe wukuthi babengenye yezinkampani ezivelele e-Afrika uma kukhulunywa ngezinkampani ezisiza ezinye ukuzikhangisa. 

“Kubuye kube khona okushodayo uma ubheka indlela okukhulunywa ngayo ngeminye imikhiqizo. (Kepha) ngikholwa wukuthi thina siqonda kangcono ngoba siyilolu hlobo lwamakhasimende olusuke ludayiselwa futhi yithina singabantu base-Afrika esiziqonda kangcono izindaba ezithinta izwekazi lethu,” kusho yena.  

Uthi ngenkathi eqala naye wangena ogibeni okungena kulo inqwaba yosomabhizinisi abasafufusa njengoba umsebenzi wayewenza wonke yedwa, okwakusho ukuthi kunezinto angaziphothuli ngesikhathi futhi wayengalitholi nethuba lokuphumula. 

“Ngangiphethe inkampani yami njengomuntu oyitoho esikhundleni sokuyiphathisa okwebhizinisi. Izinto zashintsha ngenkathi sengiqala ngilisukumela ibhizinisi ngokuqasha abantu, (nokwasho) ukuthi mina ngiyakwazi ukugxila ekutholeni amakhasimende.

“Ngathola nehhovisi futhi namakhasimende abona ukuthi wumuntu ozimisele lona, akadlali. Kukhona iminyango emikhulu eyavuleka ngenxa nje yokwenza loko.

“Abanye abantu babengayiqondi into engangiyenza ngoba ukuqasha abantu kusho izindleko zokubaholela kodwa futhi yiyona nto ekukhuthaza nakakhulu ngoba uyazi ukuthi kufanele abantu baholelwe; kuyenzeka futhi,” kusho uNksz uDlamini.  

Nakuba uNksz Dlamini wake wahlaba ikhefu ebhizinisini eyosebenzela iSapref, isinqumo asenza ngoba ayedonsa kanzima ebhizinisini ngaleso sikhathi, uthi nangaleso sikhathi aluzange luphele uthando lokuzisebenza. 

“Ngangizitshelile nakhona ukuthi emva kweminyaka emibili ngizoyeka. Umuntu usejoveke kakhulu wukuzisebenza, kanti ayikho into emnandi njengokukwazi ukulawula isikhathi sakho. Uma usuke wazisebenza usuke usuqonda nakahle ukuthi ufanele ukukhokhelwa malini ngesikhathi sakho. 

“Akulula, umuntu uyakhala. ENingizimu Afrika asiyixoxi kahle indaba yokuthi ukuzisebenza kunzima kangakanani njengokuthi wazi nokuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi wenze inzuzo. Mina enye into engisizile wukuyeka ukubheka uhambo lwami ngiziqhathanise nabanye abantu ngoba izimo zethu azifani.” 

Ngenkathi eqala inkampani yakhe uNksz uDlamini wayegxile emakhasimendeni ayizinkampani ezisafufusa kodwa manje usenamakhasimende amakhulu, amanye awo okuyizinkampani ezihweba kwiJohannesburg Stock Exchange. Izinkampani ezisembonini yezemidlalo, ezokuthutha, ezolimo nezemfundo. 

Uthi ukuthola amakhasimende amakhulu sekumenze wazethemba kakhulu. 

Okunye athi kusizile wukuba nomunye umuntu abambisene naye nabaphethe naye inkampani ngoba isikhathi esiningi usebenze yedwa, nathi bekumgqilaza futhi kumnqinda ekwenzeni ezinye izinto. 

Eluleka abanye osomabhizinisi, uthe: “Uhambo lomunye umuntu ngeke lufane nolwakho. 

“Qala ngonako. Ayikho le nto abantu abavame ukuyicabanga yokuthi ibhizinisi uliqala ngoba nakhu kukhona okuxhase ngemali. Yenza nento oyithandayo. Ngonyaka odlule kwaze kwaba kabili kukhona abantu ababefuna ukungiqasha futhi ngaleso sikhathi kukhona amakhasimende ayengangikhokhele kodwa angiwuthathanga umsebenzi ngoba ngiyakuthanda ukuzisebenza kunzima kunjalo,” kweluleka uNksz uDlamini. 

  • Instagram: @Izinga Creatives

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page