Kusukela kwesobunxele, uMnu u-Alex Khojane, uMnu uBrad Symons, uMnu uNeo Moleko noMnu uPhumlani Sibeko, abanikazi beManaka Coffee yaseMidrand, eGoli, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Basizwa yicebo lomngani owayewuthisha phesheya asebenenkampani evubela ikhofi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BAKHULE ndawonye eGoli, eGauteng, futhi behlale besekana kukho konke abakwenzayo empilweni, beqinisekisa nokuthi abayeki ukuxhumana yize bese begxile emikhakheni ehlukene.

Kwathi omunye wabo esefundisa eSouth Korea, wejwayela ukuya esitolo sekhofi. Kwathi ngokujwayela nokulithanda, wafisa ukwenza ibhizinisi elifana nalo uma esebuya ekhaya.

Yaqala kanjalo iManaka Coffee, inkampani evubela ikhofi, esungulwe ngabangani beminyaka oMnu uPhumlani Sibeko, uBrad Symons, uNeo Moleko no-Alex Khojane obasize ukufukula ibhizinisi. Ukuthi Manaka kusho izimpondo ngesiSuthu, okumele ukuthi akukho lutho oluzovimba ukuthi bafike lapho befuna khona.

Elanda ngeManaka Coffee, eyasungulwa ngo-2016, uSibeko uthe umcabango wokuyiqala wafika noSymons owayefundisa eSouth Korea, ngenkathi esebuye ekhaya ukuzoqhubeka nobuthishela.

Uthi: “Wasitshela ngesitolo sekhofi ayejwayele ukuya kuso esafundisa phesheya kwezilwandle, wenza sakholwa wukuthi uma singaqala ibhizinisi elinjalo, silenze ngendlela ehlukile singachuma kule mboni.”

Ikhofi labo libiza uR36 noR38. Lithandwa yinqwaba yamakhasimende. Baqashe izisebenzi eziwu-18 esitolo sabo.

EManaka Coffee baze bakhiphe ubhozo ngokutayela ikhofi

Okunye okwasiza ukuqala ibhizinisi labo wukuthi uSibeko uvele unamava kule mboni njengoba manje eseneminyaka ewu-19 efundisa abantu ukuvubela nokwenza ikhofi.

Uthi: “Ngisebenzise lawo mava ukulekelela ukuqala ibhizinisi lethu, nabo bangisiza ngokwenza ucwaningo lokuthi ikhofi lethu lihluke kwamanye. Saqala kanjalo sisebathathu sidayisela esitolo sethu esincane esasiseBraynston, eGoli, ngaleso sikhathi.

“Sasiloku sizama ukuhambela izitolo ezihlukene, sifuna ukufaka ikhofi lethu kuzona. Sahlangana kanjalo noKhojane owayenesitolo sokudla eGoli. Sixoxa wawuthanda umbono wethu, wasijoyina ebhizinisini ngokutshala imali esakhe ngayo isitolo sethu esiseMidrand,” kusho yena.

Ukubambisana nokubeka ibhizinisi phambili zikhathi zonke yinsika yokuchuma kweManaka Coffee.

“Manje sifuna ukuba yinkampani yekhofi enkulu nehlonishwa umhlaba wonke, sigcine sesinamagatsha ebhizinisi lethu kwamanye amazwe,” kuphetha uSibeko.

Facebook: Manaka Coffee

Instagram: @manakacoffee

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page